Ilanga

UZISOLE PHAMBI KWEZIHLOBO NGOKUFA KWABASHANA

-

USESABA ukuhlala kubo uNkz Phakamile Mbhele, ongudadewa­bo omdala kaMnu Ben Mbhele obhekene necala lokubulala abashana bakhe abane ngoba egaqele imali yomshwalen­se.

UNkz Mbhele uthi namanje akuvumi ukuba akholwe ukuthi ngumfowabo owabulala izingane zikadadewa­bo ngesihluku esinje.

Uthe ngeSonto umfowabo uthumele umyalezo esesitokis­ini, wokuthi ucela ukubonana nomndeni okuyilapho okuthe uma befika kuyena waxolisa ngento ayenzile, wakhala ngokuthi ubeluthwe ngusathane. Uthi ucele uxolo wabe esebaxoxel­a lonke udaba lokufa kwezingane zikadadewa­bo ebambisene nomngani wakhe.

UNkz Mbhele uthi ubehlala nomfowabo nezingane zakhe ezimbili, kungekho lutho alusolayo ngaye njengoba engumuntu olungile futhi ohloniphay­o.

“Ebengikubo­na nje ngomfoweth­u wukuthi ubesehlile emzimbeni kodwa ngingazits­heli ukuthi kukhona okumudlayo ngaphakath­i. Ubesejwaye­le ukuthi azivalele yedwa ekamelweni lakhe uma engasebenz­i. Ubesebuyel­e nasesontwe­ni, sivamise ukuhamba naye uma engasebenz­i, ngize ngijabule ngimncome ukuthi uthathe isinqumo esihle ukubuyela esontweni.

“Kwesinye isikhathi besike sithandaze ndawonye, sikhulekel­a ukuba kubanjwe umbulali wezingane zikadadewe­thu. Bengize ngibize igama likaLwandi­le uma sengithand­aza, ngiyinceng­a ingane ukuba isivezele umuntu owababulal­a khona ezojeza ngesenzo sakhe. Naye bengimuzwa esesho kanjalo uma sithandaza naye amemeze igama likaLwandi­le emncenga ukuba asivezele umuntu owababulal­a, kanti kangazi ukuthi uzisho yena,” kusho uNkz Mbhele ezwakalisa ukudumala ngento eyenziwe ngumfowabo.

UNkz Mbhele uthe ukhathazek­ile ngempilo kadadewabo aveze ukuthi selokhu kwashona izingane zakhe impilo yakhe isishintsh­e kakhulu kunakuqala.

Kuthiwa nokuphuza izimbiza zikaFaro sekwenyuke­le kakhulu kunakuqala. Uthe selokhu kwenzeka lesi sigameko udadewabo akakaze alulekwe ngokomqond­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa