Ilanga

UNGQOKLOZE UMPHATHI E-KING SHAKA AIRPORT

- SKHOSIPHI MTHEMBU LANGA,

ZISATHUKA izanya izisebenzi zaseKing Shaka Internatio­nal Airport emuva kokuba unogada engqokloze ngenhlamvu umphathi wakhe wesifazane ngoba ecasulwa wukuthi umcebile edojile.

Indaba yokudutshu­lwa kukaNkz Zandile Mkhize (42) ingundabiz­ekwayo kulesi sikhumulo sezindiza.

Abanye bababaza isenzo sikamsolwa okuthiwa ungunogada kwaBosasa Security, okuyinkamp­ani esebenza kulesi sikhumulo. Ngokuthola kwe

indaba isuswe wukubuya kukamsolwa sekudlule isikhathi ekhefini, okuthe nxa umufi ebikela abaphathi, kwamcasula lokho.

Kuthiwa umsolwa kuthiwe makagoduke abuye ngakusasa. Kuthiwa uhambile wabuya wazolalela umufi uyendle.

ILANGA lihambele indawo yesigameko izolo, konke bekuqhubek­a njengenjwa­yelo, kubonakala ukuthi akuphazami­sekanga ukusebenza.

UMnu Papa Leshabane, weBosasa Security uthi ngokuthola kwabo, umsolwa ubesemsebe­nzini wabe eseya ekhefini. Ubuye sekudlule isikhathi.

“Ngokujwaye­lekile, ikhefu lalapha lithatha imizuzu engama-20 ngoba akumele kuphele isikhathi eside kungekho muntu lapho umuntu esuke esebenzela khona. Kuthe sekusha-ye isikhathi sokuba abuyele esiteshini asebenzela kusona umsolwa wangabuya.

“Umufi njengompha­thi wakhe ubikele imenenja. Umsolwa utshelwe ukuba makagoduke abuye ngakusasa ukuze kuzodingid­wa udaba lwakhe.

“Umufi uqhubekile nokusebenz­a okuthe eseqedile, eselinde into yokuhamba, umsolwa wamdubula washonela khona lapho,” kusho uMnu Leshabane.

UMnu Colin Naidoo, okhulumela iKing Shaka Internatio­nal Airport, usiqinisek­isile lesi sigameko, wathi kodwa asizange sikuphazam­ise ukusebenza kwesikhumu­lo sezindiza.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala kanti umsolwa uvelile enkantolo izolo.

skhom@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa