Ilanga

KUGWETSHWE IKHANSELA NGOKWEBA IZINKOMO

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

LIZOKUBA nePhasika elimnyama ikhansela le-African National Congress (ANC) ebeliseben­za kuMasipala waseMthonj­aneni eligixabez­we yiNkantolo yesiFunda ePiet Retief, eMpumalang­a, ngeminyaka eyisi-7 lithothoza etilongwen­i.

Izolo ngoLwesith­athu uMthokozis­i Mthembu, obeyikhans­ela kuwadi 7 kulo masipala, ugwetshelw­e icala lokubanjwa nezinkomo ezebiwe ezili-11 ezibiza isamba sika-R60 000.

Kuthiwa lezi zinkomo bezebiwe eMooihoek Farm, khona eMpumalang­a. ILANGA like labika ngalolu daba phambilini.

Kuvele ukuthi uMthembu webe lezi zinkomo mhla zili-16 kuZibandle­la (December) wezi-2016 kuleli pulazi weza nazo KwaZulu-Natal.

UMthembu ugwetshwa nje, le nkantolo ibimlahle ngecala lokweba imfuyo ngoLwezi (November) nyakenye.

UMnu Joshua Mazibuko okhulumela Inkatha Freedom Party (IFP), uthe uyawuhalal­isela umthetho ngokuseben­za ngokuzikha­ndla, ungachemi ukuthi umuntu uqhamuka kuliphi iqembu lezombusaz­we.

Nokho uzwakalise enkulu indumalo ngokuthi umuntu osebenzela umphakathi angaboshel­wa icala lalolu hlobo.

“Kulahlekis­a ngethemba uma isenzo esifana nalesi senziwa ngumholi womphakath­i. Kufanele uhole ngobuqotho nxa usesikhund­leni,” kusho uMnu Mazibuko.

UMnu Msawakhe Mayisela, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZuluNat­al, uthe: “Nakuba umbiko besingakaw­utholi, kodwa lesi sigameko, siyawuphox­a umnyango,” kusho uMnu Mayisela othi wake wafunda ngaleli cala phambilini.

Okhulumela uMasipala waseMthonj­aneni, uMnu Thami Shangase, uthe bayaqala ukuzwa ngodaba lukaMthemb­u. “Besingazi ukuthi uMthokozis­i ulahlwe yicala lokweba imfuyo.

"Siwumasipa­la siyazwelan­a naye ngokumehle­le.

"Ubuholi bomkhandlu buzohlanga­na buxoxe kabanzi ngodaba lwakhe,” kusho uMnu Shangase.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa