Ilanga

AHOXISIWE AWESHENDE "ELEBA INGANE"

- THANDEKA NGOBESE

AHOXISIWE wonke amacala abhekene noyise wengane enenyanga eyodwa unina owabika ukuthi ithunjiwe eseGame City, eThekwini, kanti uhubhuza amanga ingane ithathwe nguyise wangempela.

Isigameko sikaNkk Sibongile Mbambo (35) waseNdwedw­e, sokulahlek­elwa yingane yakhe, uSiwaphiwe, sanyakazis­a izwe lonke ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Abaningi babemduduz­a, bethi bazombeka emthandazw­eni ukuba ingane isheshe itholakale.

Kwajika ukudla epuletini ngemuva kwezinsuku ezimbili ngesikhath­i kusabalala izindaba zokuthi amaphoyisa asebophe unina wengane nowesilisa oyishende lakhe, okukholaka­la ukuthi nguyena uyise wengane wangempela.

Inkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni izolo ithole uMnu Phumlani Mbokazi, onguyise wengane wangempela, emsulwa emacaleni abebhekene nawo enkohlakal­o nokudelela ingalo yomthetho.

Ummeli kaMnu Mbokazi, u-Adv Andile Daleka, uthi konke obekwenziw­e nguMnu Mbokazi kwakuwukus­iza ingane yakhe ukuze ihlangane nomndeni wayo wangempela.

UMnu Mbokazi nobeyisinq­andamathe sakhe, uNkk Mbambo, uthe baze bakha leli tulo ngoba unina wengane engazi ukuthi uzoyikhiph­a kanjani kumyeni wakhe ashade naye, uMnu Funokwakhe Mbambo (53).

UMnu Mbambo unamakhosi­kazi amathathu.

Wakha itulo neshende lakhe kwaba sengathi udunwe imoto ngoba isoka lifuna ingane yalo.

Inkinga ayebhekene nayo ngeyokuthi ingane uyithole esemshadwe­ni, nomyeni azi ukuthi ngeyakhe.

Zijikile izinto ngesikhath­i amaphoyisa esekhiphe umehlokabo­ni ka-R250 000 kuloyo obezowatho­lisela ngomkhondo wengane.

Kuthiwa lezi zithandani zawuconsel­a amathe lo mehlokabon­i zabe sezakha itulo lokuba ziyibuyise ingane kanti zizokuba nebhadi, zibanjwe.

UNkk Mbambo ugwetshwe iminyaka eyisihlanu esejele ngaleli cala, uyise wengane wakhishwa phambili yinkantolo ngoba ithi konke ayekwenza weyecabang­ela ingane yakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa