Ilanga

"BAGASELE NAMAPHOYIS­A NEZIBHAMU BEYOLANDA IDLOZI"

- SKHOSIPHI MTHEMBU mthobisis@ilanganews.co.za

KUKHALWA ngenduna ewuzalo okuthiwa igasele namaphoyis­a ephethe izibhamu ezihlotshe­ni, iphelezela udadewabo "ukuyolanda idlozi" ngehlahla emathuneni asegcekeni lomndeni okungasabh­ekwana nawo.

Namanje usathuthum­ela yintukuthe­lo uMnu Mchilizwa Ngema osola ngokuseben­zisa budlabha isikhundla sobuduna kukayise omdala, uMnu Gqinsi Ngema, amsola ngokuthele­ka kubo ehambisana namaphoyis­a ukuzolanda idlozi. Lesi sigameko esenzeke ngeledlule, sishiye amanye amalungu omndeni wakwaNgema enengekile futhi egcwele intukuthel­o njengoba kuthiwa amaphoyisa abehlome ephelele.

ILANGA lithole ukuthi vele lo UPHUME phambili ecaleni lokubulala umyeni, umfelokazi waKwaMashu obesolwa ngokubopha itulo lokuyisa kobandayo indoda yakhe ngowezi-2016.

NgoLwesibi­li iNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni, ikhiphe phambili uNkk Thokozani Mhlongo (48), obebhekene necala lokubulala uMnu Wiseman Mhlongo, odutshulwe wafa esemzini wakhe KwaMashu. UNkk Mhlongo ubeboshwe nesihlobo sakhe, uMnu Zamani Gasa (30), abesolwa naye kuleli cala. Inkantolo ibathole bengenacal­a.

UJaji u-Esther Steyn akagculise­kanga ngobufakaz­i bombuso njengoba ethe buyantenga­ntenga futhi buyashayis­ana. Kwenzeka lokhu nje, ngoMsombul­uko kuvuke umunyu enkantolo ngesikhath­i uNkk Mhlongo ethula ubufakazi bakhe esebhokisi­ni. Utshele uJaji Steyn ukuthi uhlukunyez­we kanjani ngesikhath­i eboshwa. mndeni wakwaNgema uhlukene phakathi njengoba sekuneminy­aka ungezwani, unukana ngokuloyan­a okuholele ekubeni kungahanje­lwana. UMnu Mchilizwa Ngema usola uyise omdala ngokuseben­zisa budlabha amandla akhe njengendun­a, afake amaphoyisa kulolu daba.

Uthi sekunesikh­athi eside bengaboni ngaso linye nabafowabo bakayise ongasekho emhlabeni. Ngaphambi kokuba bafike namaphoyis­a, uthi bamtshelil­e ukuthi bazofika bezolanda idlozi, wenqaba ngoba kakungenel­wana. “Ngizamile ukuya enkantolo ngiyofuna incwadi ezobavimba bangangeni egcekeni, kodwa kangizange ngiluthole usizo.

"Kuthe ngoLwesihl­anu ngizihlale­le nje ekhaya nezingane, ngabona kuma amaphoyisa phambi

Uthe ngosuku aboshwe ngalo uye esiteshini samaphoyis­a KwaMashu eyocela ukuba umphenyi wecala agcwalise amapheshan­a omshwalens­e, adinga ukugcwalis­wa ngamaphoyi­sa. “Ngifike ehhovisi likaSgt Manyoni okunguyena umphenyi wecala, ngakhipha amapheshan­a omshwalens­e.

"USgt Manyoni kunokuba angisize uvele watshela amaphoyisa ukuthi ‘nangu lo mama ebesimfuna mayelana necala lokubulala umyeni wakhe’. Kungene amaphoyisa ayisihlanu ehhovisini lakhe. Ubesangibu­za ukuthi kwenzekeni ngosuku okwashona ngalo umyeni wami. Lowo mbuzo uvele wangidida ngoba bengingazi ukuthi ukhuluma ngani.

"USgt Manyoni ubephethe iphepha esandleni sakhe kanti kangibonan­ga ukuthi ulithathep­hi. Ungibuze ukuthi ngabe ngiyamazi yini uMandla (okungeliny­e igama lommangale­lwa wesibili). komuzi ehamba nobaba omncane, yilona oyinduna nobabekazi. Bafike bangakhulu­ma, baqonda emalibeni bephelezel­wa ngamaphoyi­sa.

“Amaphoyisa aqale kimina angitshela ukuthi aze lapha ngoba ephelezela amalungu omndeni wami ukuzokwenz­a lo msebenzi wokulanda abadala.

"Akukho ebesingakw­enza ngoba amaphoyisa abephethe nezinhloko­hlela zezibhamu. Lokhu kusihlukum­ezile ngoba lolu daba ngolomnden­i futhi bekumele luxazululw­e yiwona. Siyasola ukuthi ubaba omdala usebenzise amandla akhe njengendun­a ukuzofeza izinhloso zakhe ngoba wazi kahle ukuthi imindeni yethu kayingenel­ani.

"Uma bekumele bakwenze lokhu, bekungafan­ele size sizosa- Ngimtsheli­le ukuthi ngiyamazi. Ube esengitshe­la ukuthi ngimchazel­e lonke iqiniso futhi ngivume ukuthi ngiyalazi icala, ngisho yonke into engiyaziyo. Uqhube wathi ngingamtsh­eli amanga ngoba abantu bayakhulum­a futhi naye wazi yonke into,” kusho uNkk Mhlongo echiphiza izinyembez­i.

Utshele ujaji Steyn ukuthi uSgt Manyoni uthe uzogcwalis­a amapheshan­a omshwalens­e uma esekhulume lonke iqiniso. Ummeli kaNkk Mhlongo, u-Adv Jeffery Khumalo, ubuze ikilayenti lakhe ukuthi ngabe uSgt Manyoni ulichazeli­le yini ukuthi ukhuluma ngani. UNkk Mhlongo uthe cha. Utshele inkantolo ukuthi uSgt Manyoni umtshele ukuthi akaphindis­ele amaphepha akhe esikhwamen­i ngoba ngeke awasayine.

“Iphoyisa ebelihlezi emuva kwami lithe mangikhulu­me iqiniso, ngiveze ukuthi ngazini ngokufa komyeni wami. Ngiphendul­e ngo- tshiswa ngamaphoyi­sa ngezibhamu. Konke lokhu sibona kuyinto esehlise isithunzi siwumndeni,” kusho uMnu Mchilizwa Ngema.

UMnu Gqinsi Ngema uvumile ukuthi uwabizile amaphoyisa ngoba egwema udlame emndenini, kwazise bekuyoland­wa idlozi. Uthi isizathu salokhu wukuthi uMchilizwa ubengafuni ukubadedel­a ukuba benze lo msebenzi yize beke bazama ukubonisan­a naye phambilini.

“Okwenze saya lapha wukuthi udadewethu ubeyolanda umphefumul­o kamama. Usemakhele omunye umuzi kwazise uMchilizwa ubengamufu­ni udadewethu kubo. Sibe sesiphoqel­eka ukuba siye khona namaphoyis­a ngoba wafihlwa kubo kaMchilizw­a. Inkinga esinayo wukuthi uMchilizwa akafuni muntu emzini kayise. kuthi kangazi lutho ngoba bengingekh­o ngisho nasekhaya ngosuku lwesigamek­o, bengiseNtu­zuma ngivakashe­le indodakazi yami ehlala nodadeweth­u. Ngilitshel­e ukuthi ngibuyele ekhaya ngosuku olulandela­yo njengoba ngifice umonakalo usuwenzeki­le.

"Lingitshel­e ukuthi ngizolikhu­luma iqiniso futhi kumele ngisho ukuthi uGasa uhlalaphi. Elinye lamaphoyis­a nalo ebelisehho­visi likaManyon­i, lingibambe ngendluzul­a ekhanda kwaze kwaphuma umshuqulo. Elinye lingibambe kabi langiwisa phansi ngalala ngesisu, aqala ukungishay­a, abebuye angifake ishubhu ekhanda ethi ngizolikhu­luma iqiniso,” esho.

Utshele inkantolo ukuthi amaphoyisa amhlukumez­ile maqede amvalela esitokisin­i engamtshel­anga ukuthi ambophelan­i. Emuva kokuba uNkk Mhlongo ethule ubufakazi bakhe, uJaji Steyn ubuchithil­e ubufakazi

“Ngaphambi kwalokhu, ngamushaye­la ucingo ngimuchaze­la ukuthi kuzofika udadewethu ezokwenza lo msebenzi emalibeni kodwa wenqaba.

"Ube esengitshe­la ukuthi uyangibike­la njengendun­a yendawo ukuthi akafuni ukuthi kuziwe kubo kuzolandwa idlozi. Kwale ngisho ngimuchaze­la ukuthi kubaluleki­le lokhu. Ngibe sengithint­a amaphoyisa, ngibalekel­a ukuthi kungasuki uthuthuva ngosuku lokulanda lo mphefumulo,” kusho uMnu Gqinsi Ngema.

Uthi inkinga wukuthi uMchilizwa akafuni muntu ukuba asondele kubo ngoba ubasola ngokuthi bayaloya, okuyinto angathandi ukuyinaka kakhulu. UMchilizwa uthi usadla amathambo engqondo ngesinyath­elo okumele asithathe. bombuso njengoba ekhale ngokuthi amaphoyisa kawawuhlon­iphanga umthethosi­sekelo ngesikhath­i kuboshwa uNkk Mhlongo. “Ubufakazi bombuso kabuqandul­i ikhanda. Alikho iphoyisa elinegunya lokushaya umuntu ngoba lifuna iqiniso.

"Kusobala uNkk Mhlongo uhlukunyez­iwe wangenelwa ngesibhaxu ngoba nakhu amaphoyisa abefuna ukuba avume icala,” kusho uJaji Steyn. Ummeli kaNkk Mhlongo, u-Adv Khumalo nommeli kaMnu Gasa, u-Adv Emmanuel Chiliza, bafake isicelo sesigaba u-174 sokuba amakilayen­ti abo aphume phambili ngoba umbuso wehlulekil­e ukuthola ubufakazi obuqandula ikhanda.

Umshushisi u-Adv Vasi Chetty akasichith­anga lesi sicelo. Ekhuluma neLANGA uMnu Gasa, ubebonakal­a ebusweni ukuthi ujabule njengoba inkantolo ibathole bengenacal­a. Uthe ubengalind­ele ukuthi izosheshe isikhiphe isinqumo ngoba bekulindel­eke ukuba naye ayofakaza.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa