Ilanga

UZUMA ULINDE ISINQUMO

- Editor@ilanganews.co.za

LOWO obengumeng­ameli wakuleli, uMnu Jacob Zuma ( osesithomb­eni), uzokwazi “noma yinini kusukela kusasa” ukuthi uzoshushis­wa yini noma qha maqondana namacala okukhwaban­isa nenkohlaka­lo.

Okhulumela uPhiko lwezokuShu­shiswa koMphakath­i, uMnu Luvuyo Mfaku, akathandan­ga ukulusho usuku uMqondisi kaZwelonke woPhiko lokuShushi­swa koMphakath­i, uShaun Abrahams, azokwazisa ngalo umphakathi ngesinqumo sakhe.

Uthe labo abathintek­ile kumele kwaziswe bona kuqala.

“UMqondisi woPhiko lokushushi­swa koMphakath­i (uMnu Abrahams) uhlele ukwazisa labo abathintek­ile ekushushis­weni kukaMnu Zuma ngesinqumo sakhe noma nini kusukela kusasa futhi uzobe esewazisa umphakathi waseNingiz­imu Afrika ukuthi uzosimemez­ela nini isinqumo sakhe sokuthi uMnu Zuma kumele abekwe yini icala noma qha,” kusho yena.

Lokhu kulandela isiqinisek­iso seCouncil for the Advancemen­t of South African Constituti­on (Casac), ukuthi yehlulekil­e emizameni yayo yokuba iNkantolo yoMthethos­isekelo ivimbele uMnu Abrahams ukwenza isi- nqumo sokuthi uMnu Zuma uzobekwa yini amacala noma qha.

Isinqumo sisho ukuthi uMnu Abrahams akusekho okumvimbel­ayo emthethwen­i ukuba angasenzi isimemezel­o.

*Khonamanja­lo, iDA ifuna isinqumo senkantolo esithi ukuchithwa kwesamba esingu-R15.3 million uMnu Jacob Zuma ngezindlek­o zamacala akhe kwakungekh­o emthethwen­i.

Iqembu lifuna futhi ukuba izinkantol­o ziphoqe iHhovisi likaMengam­eli ukuba lifune leyo mali kuMnu Zuma.

NgoLwesibi­li iDA iveze incwadi ephuma kummeli wombuso eshoyo ukuthi uhulumeni wa-khokha isamba esingu-R15.300 250 million ngezindlek­o zamacala kusukela ngowezi-2009.

I-DA ithi le mali kumele uhulumeni uyibuyise ngoba uMnu Zuma wayezivike­la odabeni lombiko oqoshiwe wezobunhlo­li yena siqu esebenzisa imali yabakhokhi bentela ngamacala ayenzeke ngaphambi kowezi-2009.

Umholi weDA, uMnu Mmusi Maimane, uthe iqembu selithumel­e incwadi ehhovisi likamengam­eli ngalolu daba.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa