LUTHO IBHEYILI KWELOKUFA KWEPHOYISA
BAZOQHUBEKA nokugqunywa esitokisini abasolwa ababili ababhekene necala lokubulala iphoyisa ngoNhlolanja (February) ngesikhathi kubanjwa inkunzi kwesinye isitolo esidayisa ukudla KwaMaphumulo.
NgoMsombuluko, iNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo isichithile isicelo sebheyili sikaMnu Mdeliseni Mathonsi (28) noMnu Goodboy Sibiya (39). Babhekene necala lokubulala uCapt Leonard Dumisani Mhlanzi (54) ( osesithombeni) waseGreytown.
Emuva kokungcwatshwa kukaCapt Mhlanzi, amaphoyisa agasele ehostela laKwaMashu eyothungatha abasolwa. Kuleli hostela afike abopha ababili kwathi abathathu basala enkundleni sekudutshulwana. Ngokusho komndeni, uCapt Mhlanzi ubulawa nje, bese kusele izinyanga ezine ukuba athathe umhlalaphansi.
Ekhuluma neLANGA emuva kokuvela kwabasolwa enkantolo, uMnu Sipho Mhlanzi, ongumfowabo omncane kamufi, uthe bewumndeni bakujabulele ukuthi inkantolo isichithile isicelo sabo sebheyili.
Uthe umndeni ubungeke uphatheke kahle uma kuthiwa abasolwa bebeyitholile njengoba kuthiwa umfowabo ushone ngesandla sabo, bebamba isitolo sokudla inkunzi. Uthe bafuna ubulungiswa ngokufa kukaCapt Mhlanzi.
“Sifuna ukuba umthetho uthathe indawo yawo. Abasolwa sifuna ukuba bathole isigwebo esibafanele ngabakwenzile. Konke kulele ezandleni zenkantolo manje,” kusho uMnu Mhlanzi. Icala lihlehlele uMsombuluko.
Mhla kufihlwa uCapt Mhlanzi, uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, wakugcizelela ukuthi amaphoyisa kakumele afe ephethe izibhamu uma ebhekene nezigebengu ezihlomile. Wakhuthaza amaphoyisa ukuzigcina eqatha ukubhekana ngempumelelo nobugebengu.