Ilanga

BANTULA IMALI YOKUFIHLA UMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE

USOSIZINI lokushoda ngemali yokungcwab­a umndeni kamaskandi odutshulwe ngoLwesith­athu olwedlule washonela ephehlweni, ethwasiswa.

UKuhlaloku­hle “Skokela” Goqo ( osesithomb­eni) waseMwane, eNkandla, kuthiwa uzothunwa ngeSonto emuva kokuba ebandakany­eke esigamekwe­ni sokuhlasel­wa, wadutshulw­a nogobela wakhe wakwaVilak­azi eNkandla, lapho abethwasel­a khona.

Lapha kuqothwe amalungu amathathu akwaVilaka­zi, kwaba nguyena owesine.

Ngokuthola kwaleli phephandab­a, lo mculi ushone sekusele izinyanga ezimbalwa akhishwe ephehlweni.

Oyilungu lomndeni, uMnu Siyabonga Goqo, uthi umfowabo ubehlushwa wukugula nezinto zakhe zingahambi kahle kwezomculo ekubeni abantu bemazi kodwa kungagqame­ki kahle.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uSkokela ubezophuma ngoNhlangu­lana (June) eseqedile ukuthwasa.

“Izinto azihlangen­e kahle. Sisabheke emehlweni. Sicele uMasipala waseNkandl­a ukuba usilekelel­e ngoba isimo kasihambi kahle kwezemali ukuze umfowethu afihleke ngesizotha, okwamanje sisalindil­e.

“Okusehlele kuyibhadi elimangali­sayo ngoba ukuthwasa kukamfowet­hu bekuqondil­e kwazise yilona idlozi elamkhipha ekhaya lamusa enyangeni,” kusho uMnu Goqo.

USkokela uhlomule ngendondo yeBest Newcomer kuMantshon­tsho kaMasikand­i Awards nyakenye nakuba bese kuyi-albhamu yakhe yesithathu.

Ubedume ngengoma ethi: “Bavunywe unyaka”.

Ngokwemibi­ko, kuthiwa lo mndeni wakwaVilak­azi uhlaselwe wabulawa ngoba usolwa ngokuthaka­tha.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa