Kuyashabalala ngelikamasikandi
UMjikijelwa uthi usekhathele ukudlala abanye abafana
SIKHALA ezimathonsi isihlabani sikamasikandi ngekusasa leqembu elidumile, elibukeka lizoshabalala ngenxa yokuxabana kwezinsizwa esisebenza nazo kulona.
U-Ali Mgube uveze lokhu emuva kokuba kuzwakale ukuthi uMjikijelwa “iChalaha” Ngubane noMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele abasahoshelani, okuyinto ebeka engcupheni iqembu loNdabuzekwayo abalenza ngokuhlanganyela.
UMgube utshele ILANGA ukuthi sekukaningi ezama ukuxoxa nazo lezi zinsizwa ngokuphambana kwazo, kube sengathi kuzwakele kodwa kubuye kuqale pha- nsi. Uthi kuseduze impela ukuba asale dengwane ngendlela okwenzeka ngayo izinto. “Le nto inzima kakhulu ngoba uma ukhuluma nomunye, alisali igama lomunye. Lokhu kwenza kube nzima kuwena ophakathi nendawo. Kwesinye isikhathi bekudingeka ukuba ngithole amadoda athile ukuze angihlanganisise bona uma kumele kuxoxwe. Le nto yokungezwani kwabo ingifakela ingcindezi ngoba akekho enginenkinga naye kubo
na.
"Isimo sibi kulokhu, kangazi noma izoxoxeka yini le nto yabo kodwa-ke kuzobonakala ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uMgube.
Uthe ukungahoshelani kwabo sekuqala ukumehlula ngoba kusukela ngonyaka ophelile ubelokhu ezama ukuyilungisa. Uveze nokuthi mancane amathuba okuthi lulungiseke lolu daba okungaholela ekutheni bangaphumi oNdabuzekwayo kulo nyaka kwazise nanyakenye baqoshwe sekuvele kuqalile ukungabhekani kahle kodwa kwalungiswa.
“Ngokwazi kwami, uma ngikhuluma nawo la madoda, kuyaye kuvele ukuthi axatshaniswa ngabalandeli awo, abangamukelani kahle ezinkundleni zokuxhumana, bahlaziye izingoma zabo kube sengathi omunye ugadla komunye,” kusho uMgube.
NgeSonto eledlule kuphumele emphakathini izindaba zokuthi kukhona ukungahoshelani phakathi kwalaba baculi. Ngokwemibiko, kunezinsolo ezithi uMthandeni uthi uMjikijelwa umkhuluma kabi emakhoneni. Ngakolunye uhlangothi, uMjikijelwa utshele ILANGA ukuthi ngeke esakwazi ukusebenza noNdabuzekwayo. Uthi yena akayisabi inselelo emculweni kodwa ubesafuna izwe libone ukuthi ngubani onenkinga phakathi kwabo ngoba sekukaningi ezizwa izingoma ezimshaya ehamba nabo abantu abezitshela ukuthi uphila nabo.
“Iqembu loNdabuzekwayo lizoqhubeka ngoba liyiqembu, lithole abanye abaculi kodwa mina ngeke ngisasebenza nalo. Ngonyaka odlule bengibizwa ngendoda emnyama kwezinye izingoma ngilokhu ngithule. Sengikhathele ukubuka abafana bekhwela bezehlela lapha kimina,” kusho uMjikijelwa.