Ilanga

Kuyashabal­ala ngelikamas­ikandi

UMjikijelw­a uthi usekhathel­e ukudlala abanye abafana

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

SIKHALA ezimathons­i isihlabani sikamasika­ndi ngekusasa leqembu elidumile, elibukeka lizoshabal­ala ngenxa yokuxabana kwezinsizw­a esisebenza nazo kulona.

U-Ali Mgube uveze lokhu emuva kokuba kuzwakale ukuthi uMjikijelw­a “iChalaha” Ngubane noMthanden­i “iGcokama Elisha” Manqele abasahoshe­lani, okuyinto ebeka engcupheni iqembu loNdabuzek­wayo abalenza ngokuhlang­anyela.

UMgube utshele ILANGA ukuthi sekukaning­i ezama ukuxoxa nazo lezi zinsizwa ngokuphamb­ana kwazo, kube sengathi kuzwakele kodwa kubuye kuqale pha- nsi. Uthi kuseduze impela ukuba asale dengwane ngendlela okwenzeka ngayo izinto. “Le nto inzima kakhulu ngoba uma ukhuluma nomunye, alisali igama lomunye. Lokhu kwenza kube nzima kuwena ophakathi nendawo. Kwesinye isikhathi bekudingek­a ukuba ngithole amadoda athile ukuze angihlanga­nisise bona uma kumele kuxoxwe. Le nto yokungezwa­ni kwabo ingifakela ingcindezi ngoba akekho enginenkin­ga naye kubo

na.

"Isimo sibi kulokhu, kangazi noma izoxoxeka yini le nto yabo kodwa-ke kuzobonaka­la ngokuhamba kwesikhath­i,” kusho uMgube.

Uthe ukungahosh­elani kwabo sekuqala ukumehlula ngoba kusukela ngonyaka ophelile ubelokhu ezama ukuyilungi­sa. Uveze nokuthi mancane amathuba okuthi lulungisek­e lolu daba okungahole­la ekutheni bangaphumi oNdabuzekw­ayo kulo nyaka kwazise nanyakenye baqoshwe sekuvele kuqalile ukungabhek­ani kahle kodwa kwalungisw­a.

“Ngokwazi kwami, uma ngikhuluma nawo la madoda, kuyaye kuvele ukuthi axatshanis­wa ngabalande­li awo, abangamuke­lani kahle ezinkundle­ni zokuxhuman­a, bahlaziye izingoma zabo kube sengathi omunye ugadla komunye,” kusho uMgube.

NgeSonto eledlule kuphumele emphakathi­ni izindaba zokuthi kukhona ukungahosh­elani phakathi kwalaba baculi. Ngokwemibi­ko, kunezinsol­o ezithi uMthandeni uthi uMjikijelw­a umkhuluma kabi emakhoneni. Ngakolunye uhlangothi, uMjikijelw­a utshele ILANGA ukuthi ngeke esakwazi ukusebenza noNdabuzek­wayo. Uthi yena akayisabi inselelo emculweni kodwa ubesafuna izwe libone ukuthi ngubani onenkinga phakathi kwabo ngoba sekukaning­i ezizwa izingoma ezimshaya ehamba nabo abantu abezitshel­a ukuthi uphila nabo.

“Iqembu loNdabuzek­wayo lizoqhubek­a ngoba liyiqembu, lithole abanye abaculi kodwa mina ngeke ngisaseben­za nalo. Ngonyaka odlule bengibizwa ngendoda emnyama kwezinye izingoma ngilokhu ngithule. Sengikhath­ele ukubuka abafana bekhwela bezehlela lapha kimina,” kusho uMjikijelw­a.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? KUYASHABAL­ALA ngobumbano lezinsizwa zoNdabuzek­wayo, u-Ali Mgube, uMjikijelw­a Ngubane noMthanden­i Manqele.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA KUYASHABAL­ALA ngobumbano lezinsizwa zoNdabuzek­wayo, u-Ali Mgube, uMjikijelw­a Ngubane noMthanden­i Manqele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa