Ilanga

UZIBULELE OKHUBAZEKI­LE "OBEYISIGQI­LA SOCANSI"

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

KUSOLAKALA ukuthi uzibulalel­e ukuba yisigqila socansi owesifazan­e okhubazeki­le okuthiwa bese kuphele isikhathi eside ezama ukubika udaba lwakhe, kodwa umndeni ulugxoba ngezinyawo.

UNkz Nomfundo Dlomo (24), waseDalton, kuthiwa uphuze amaphilisi ngoMsombul­uko kwathi ngoLwesibi­li washona. Kunezinsol­o zokuthi ubehlukuny­ezwa ngelinye ilungu lomndeni okubikwa ukuthi bese kunesikhat­hi eside lizitika ngaye. Ngokuthola kwaleli phephandab­a, kuthiwa uNkz Dlomo uqale ukudlwengu­lwa eneminyaka emibili. Kuthiwa ubehamba ngesihlalo esinamason­do impilo yakhe yonke.

Kuthiwa ubekhala nsuku zonke, ecela ukuxhunyan­iswa namaphepha­ndaba ukuze abike usizi lwakhe, kodwa umndeni ungafuni nokuyizwa leyo ndaba. Umthombo weLANGA uthi kunezinsol­o zokuthi umndeni ubuvikela umenzi wobubi kanti uNkz Dlomo kubikwa ukuthi ubehlala koninalume nesalukazi esizala unina, umalumekaz­i nabazala bakhe, kwazise kabasekho abazali bakhe.

“Le ndaba ixoxwe isikhathi eside kodwa isixazulul­o sayo kasikaze sisizwe njengoba ingane isizibulel­e,” kusho umthombo. UMnu Mduduzi Majijane, weDisabili­ty Talent Search Motivation­al and Farming, uthi lolu daba baqale ukuluzwa ngoNcwaba (August) nyakenye.

Uthe baze baya kuwona lo mndeni beyozwa kabanzi ngoba kuyabahluk­umeza nabo ukungaphat­hwa kahle kwabakhuba­zekile. Utshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i behambele lo mndeni, uNkz Dlomo ube-ngakwazi ukukhuluma ngokukhulu­leka ngoba bebemngena emlo-nyeni abomndeni, kwezinye izinto uma ethi uyazidalul­a.

Uthe ngoMgqibel­o uthole ucingo oluvela kuNkz Dlomo ethi ucela le nhlangano isheshise ngokuphoth­ula izinhlelo zokuba athathwe ezihlobeni zakhe ngoba uyahlukume­zeka.

“Ingane yasitshela ukuthi uma isele yodwa liyafika leli lungu lomndeni liyenzakal­ise ngokocansi. Yathi sekuneminy­aka yenzeka le nto. Ngikhuluma nje, ibingasakw­azi nokubamba umchamo, usuziphume­la nje ngenxa yakho ukudlwengu­lwa. Bese siziqalile izinhlelo zokuxhuman­a nezinhlaka ezifanele zikahulume­ni ukuze kusizwe ingane,” kusho uMnu Majijane.

Utshele leli phephandab­a ukuthi nabo ibaphathe kabi indlela lo mndeni obusingeth­e ngayo lolu daba. Uthi emhlanganw­eni ababe nawo nomndeni, ubuze ilungu ukuthi kungani bembambath­a indaba enkulu kangaka.

“Ngimbuze ukuthi kungani engabi nazo izinseka ngoba kumele engabe kudala lwabikwa udaba, wathi lolu daba lwaxoxwa emndenini kwavunyelw­ana ngokuthi maluphelel­e kuwona bazolulung­isa ngokomnden­i,” kusho uMnu Majijane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile isigameko. Uthi amaphoyisa aphenya imbangela yokuzibula­la kwakhe uNkz Dlomo.

“Sithole ukuthi ubesezame kwaze kwaba kathathu ukuzibulal­a. Kulokhu kwakamuva, udle amaphilisi anhlobonhl­obo ngokweqile wathatha nakagogo wakhe,” kusho uColonel Mbhele.

Imizamo yokuxhuman­a nalo mndeni ayiphumele­langa kwazise bezingange­ni. Izinombolo zawo ukuze kuzwakale uhlangothi lwawo kulolu daba.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKZ Nomfundo Dlomo ozibulale ngoba kuthiwa unukubezwa ngokocansi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKZ Nomfundo Dlomo ozibulale ngoba kuthiwa unukubezwa ngokocansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa