Ilanga

Umuntu makashade nephupho lakhe

-

KUNGCONO ukuthi ungabi nalutho empilweni, ungabi nakudla kunokuba udle ujeqeze, wesaba ukuthi ungabanjwa. Kubuhlungu ukuzitika ngokudla uqalaza, ngivamise ukuthi ubumnandi bokudla noma bento abukho kuyona, kodwa busekuthen­i uyithole kanjani.

Akusizi ukuhalela izinto zabantu esingazi nokuthi bazithola kanjani. Ukuba bekuya ngami, bengiyothi umuntu akafunde ukuphatha kahle nokwanelis­wa yinto ayiphiwe nguNkulunk­ulu ngaleso sikhathi. Kubuhlungu ukuthanda nokuhalela into okungesiyo­na eyakho.

Bengifisa wonke umuntu ezweni lakithi azibuze ukuthi le nto enginayo ngabe ngeyami yini. Kubuhlungu ukujatshul­iswa yinto kanti unembeza uyakushaya. Uboke uzibuze ukuthi le ndoda enginayo eyami yini, lo muntu wesifazane enginaye owami yini, lesi sihlalo engihleli kusona asinaye yini umnikazi waso, njengoba ngilele emashidini ngavela ngentshebe nje, lo mbhede engilele kuwona angiqalazi yini.

Ngiyaphind­a futhi ngiyawubuz­a lo mbuzo othi: “Uma uNkulunkul­u engake akufonele athi ngoMsombul­uko ozayo ngehora lesibili ntambama umphefumul­o wakho ngiyawutha­tha - yini okungathi uma ubeka ucingo phansi uthi uyoyilungi­sa?

Kungaba yisithandw­a sakho, yisemseben­zini wakho, noma kukwenu? Yini ongathi Nkosi ungakangit­hathi ngicela ukuqala ngiyolungi­sa lokhu nalokhu. Ngiyacela ukuba lezi zinto obungazilu­ngisa uma ethi uNkulunkul­u uzokuthath­a, uqale manje uzilungise zonke ngoba alukho ucingo oluzongena mhla usuzohamba, bonke abahamba abafonelwa­nga, nawe mhla uzohamba emhlabeni awuyikufon­elwa.

Kuzo zonke izinqumo esifisa ukuzithath­a empilweni ezibucayi, esesabayo ukuzithath­a, ungabe usabuza inyama negazi, njalo uma ufuna ukuthatha isinqumo ubokwenza umhlangano nabantu abathathu, makube nguwe, unembeza wakho, bese kuba noNkulunku­lu. Uma nobathathu nivumelana ngesinqumo kungabe kusadlula nosuku olulodwa, sithathe.

Kubuhlungu ukubekezel­a entweni kanti ubekezelel­e ize futhi njalo uma uzothatha isinqumo, ungabobuza kakhulu abantu ngoba mhla sekubheda kumele ungalokhu usola abantu, kufanele uzisole wena. Singakubal­ekeli ukuthi kubuhlungu ukuthatha isinqumo emuva kweminyaka eminingi, obekumele ngabe usithathe izolo ngoba wesaba abantu ukuthi bazothini. Umbuzo uthi bake bathini abantu?

Yonke into esiyenzayo emhlabeni masizenzel­e thina, silalele unembeza wethu, sibheke noNkulunku­lu, singabanak­i abantu ngoba bahlale bezikhulum­ela. Bayokuncom­a ubheda, bakugxeke wenza kahle. Asiphile emhlabeni, uma silala singaphuph­i kabi. Uma sinokudla efrijini sikudle sikuqede.

Kubuhlungu ukugcwalis­a ifriji kanti ngeke udle, kubuhlungu ukugcwalis­a izingubo kuwadiloph­u kanti ngeke uzigqoke. Ngiqonde ukuthi kubuhhlung­u ukuba abantu bakuncome kanti uyakhala ngaphakath­i uthi: “Ukuba bayazi”.

Konke esikwenzay­o phansi komthunzi welanga, singakhohl­wa wukuthi umuntu uphila kanye. Uma ungafa ngeke usabuya. UNkulunkul­u usinike isikhathi esincane emhlabeni.

Ngicela lesi sikhathi onaso ungasimosh­i ulokhu udansela iculo ongalizwa, uhleka into engahlekis­i, udlala abantu. Ungafi ungakaze ube nokuthula futhi ungakaze uphile.

Ngiyafisa ukuba empilweni sonke sibe nesikhathi sokuthi sike sivale amehlo, sicabange kahle ukuthi yini esifuna ukuyenza. NgesiNgisi kuthiwa: “Where there is no vision people perish.”

Umbono yile nto oyibona uvale amehlo, uthi uma uwavula ungayiboni, kodwa wazi ukuthi kunento owayibona mhla uwedwa. Izingcitha­buchopho zithi ungakholel­wa kakhulu entweni oyibonayo, kholelwa entweni owake wayibona. Uma kwenzeka into oyibona manje ingafani nento owake wayibona, ubokwazi ukuthi le nto oyibona manje eyesikhash­ana.

Ngiyafisa ukuba wonke umuntu ashade nephupho lakhe, abe wumngani nephupho lakhe, akholelwe ekulona, angalindi abantu baze baliqonde ngoba akekho umuntu oyoqonda iphupho lakho. Abantu iphupho balibona mhla selaphumel­ela, umuntu wokuqala okumele akholelwe ephusheni lakhe, nguwena.

Ngicela ukuvala ngokuthi isihlakani­phi siyayibeka imali kuthi ushintshi osalayo siwudle, isiwula siyayidla imali kuthi ushintshi siwubeke. Yonke into oyitholayo iqambe igama lokuthi yimbewu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa