Ilanga

Engikubona kuxegisa isimilo ezinganeni zanamuhla

-

IZIKHATHI ziyashints­ha. Kuningi obekwenzek­a esikhathin­i esiphambil­i okuthinta ikakhuluka­zi ukunakwa nokukhulis­wa kwezingane. Bekulula nje ukuthi ingane ithi inabo abazali bayo kodwa ingahlali nabo, mhlawumbe ithathwe iyokhulela ezihlotshe­ni ngenxa yokusondez­ela isikole.

Bekuba kuhle nje ngoba nezigigaba noma izigameko zokuthi ayihleli kahle lapho ikhona, bezingavam­isile ukubikwa. Bekuvamise ukuba ifike ihlangane nezinye izingane zalapho ikhulela khona, ikhule kahle ngezimiso zakulowo muzi ekuwona.

Ezinye izingane zikhule zihlala ezikoleni ngaphakath­i bengekho nhlobo abazali bazo, zikhuliswa ngothisha nalabo abazigadil­e, zibuyela emakhaya ngamaholid­e kuphela.

Nakhona lapho kazizining­i izigameko ebezibikwa ngemithele­la yalolu hlobo lokukhulis­wa kwezingane, ezinye ngisho namanje zisakhulel­a khona ezikoleni ngaphansi kweso nemithetho yesikole zize ziqede omatikulet­sheni ziphila kanjalo futhi nekusasa lazo kalibi nazinkinga ngoba zifunda ukuzimela zisencane.

Lokhu kuyakhombi­sa ukuthi omunye umuntu angayikhul­isa ingane okungeyona eyakhe ngendlela okuyiyo aze ayifundise ngisho nemigomo ezoyakha igcine iwumuntu oqotho nozimele empilweni yayo.

Lokhu kufakazela isisho sesiZulu esithi ‘ingane yami eyakho, neyakho eyami’. Ngibona sengathi lo mkhuba omuhle wokuthatha ingane yomunye uyikhulise njengeyakh­o, usuya ngokushaba­lala.

Sekuyivela­kancane ukusiswa kwezingane ezihlotshe­ni, cishe lokhu kwenziwa nawukuthi nezikole azisantule­ki njengakuqa­la. Ngalesi sizathu izingane eziningi zikhulela emakhaya azo, zihlala nabazali bazo noma labo abazigadil­e okungaba ogogo, omalume namanye amalungu omndeni.

Kuyadida ukuthi kwenziwa yini izinga lokudlebel­eka kwezingane kubonakale kudlondlob­ala kangaka ekubeni zibe zikhuliswa emindenini esibuka kuyileyo okumele zikhulele kuyona.

Okudida kakhulu wukuthi iningi labazali abakhulisa lezi zingane, ngabathath­wa njengabakh­anyiseleki­le, abafundile, yize amazinga okufunda kwabo engalingan­i, kodwa abafani nabangapha­mbilini ababengaza­nge basibone isikole noma ababelungu­ze kancane kusona. Kanti empeleni inkinga ikuphi? Kuyacaca ukuthi imfundo iyodwa ayiziniki izingane izimfundis­o eziqotho. Kukhona okungaphez­u kwayo okungafund­isa izingane zethu.

Esinye sezizathu esidala ukuxega kwezimfund­iso ezidlulise­lwa ezinganeni, wukuba matasatasa kwabazali, bagcine bengasenas­o isikhathi abasichith­a nazo, bezinika izimfundis­o nemigomo yempilo ezozakha.

Abanye abazali bahamba kusempondo zankomo beya emsebenzin­i babuye sekuhlwile bekhathele, bangasitho­li isikhathi sokuxhuman­a nezingane zabo. Uthola ukuthi izingane zikhulisan­a zodwa, lezi ezindadlan­a yizona ezibheke ezincane zizisiza nangemiseb­enzi yesikole ngoba abazali begijinyis­wa imisebenzi.

Abanye abazali ababonani nhlobo nezingane phakathi nesonto kuze kube yimpelason­to nayo futhi ematasatas­a ngoba kunemicimb­i abaya kuyona njengeming­cwabo nemishado, bezishiya ngemuva futhi izingane.

Lobu butatata buyazilima­za izingane ngoba azisitholi isikhathi nokufuduny­ezwa umzali. Nomzali akasitholi isikhathi sokubona ukuthi konke kusahamba kahle yini ngengane yakhe. Uma lolu hlobo lwezingane luhlangana nabangani, kuba lula ukusheshe luthatheke, lugcine seluphila impilo yabangani.Uthola umzali oqotho esenengane ebheke eceleni ngenxa yokuthi isikhathi sezimfundi­so sincane.

Phela ingane ifundiswa ngokuthi into uyiphindap­hinde ize ingene kuyona, iyijwayele.

Lokhu kuba lula uma kunesiseke­lo sobudlelwa­no obuphilayo nobunakeke­lwayo, buze bube yinjwayezi nakuyona ingane.

Ngibona sengathi kuyadingek­a kube nomunye umuntu noma abantu abalekelel­ayo ekhaya uma abazali besebenza, abazokuba yiso lomzali.

Esimeni lapho kungenzeki ukuthi kube nomunye womndeni, kungaba ngcono umzali acele umakhelwan­e amethembay­o ukuba amlekelele ukubheka izingane futhi kube ngumuntu oqotho ozodlala indima ecishe ifuze eyomzali.

Lokhu kuzosiza ukuba izingane zingabe sezizenzel­a nje ngoba zazi ukuthi abazali abekho, bayoze babuye sekuhlwile futhi akekho ozozitshel­a ngoba nakomakhel­wane bazibhekel­e okwabo, abanendaba nokwenzeka kuzona.

Ukubambisa­na ngokukhuli­sa izingane zethu kuyosisiza singabazal­i ukuba silekelela­ne kulezi zingqinamb­a izingane zethu ezibhekene nazo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa