Ilanga

BASAZIKHAL­ELA ABASHONELW­E NGUMCULI PHESHEYA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UNGENE ezikweleti­ni ezinzima umndeni ukulanda isidumbu selungu lawo ngo-R150 000 eCzech Republic, elishone emasontwen­i ambalwa adlule ngendlela engaqondak­ali.

UMnu Sikolethu Jiyane, onguyise kaMandlaka­yise Xolo Jiyane (25), oshonele phesheya eCzech Republic, utshele leli phephandab­a ukuthi ugcine eseboleke imali kumalungu omndeni, ukubuyisa isidumbu sendodana yakhe kuleli.

Bese kuphele iminyaka emithathu le nsizwa yaseNselen­i yagcina ukubuya kuleli. Kuhlelwa ukuba uXolo afihlwe ngoMgqibel­o yize umndeni ukhala ngokuthi kawusalang­a namali uqongelela eyokubuyis­a isidumbu. UMnu Jiyane uthe: “Kuphoqelek­e ukuba siboleke kumalungu omndeni nasezihlot­sheni imali ukuze sikwazi ukubuyisa isidumbu sendodana.

Ngilekelel­we kakhulu ngumfoweth­u ongiboleke isamba esikhulu semali. Nathi sikhiphe konke esinakho emaphaketh­eni. Ngiyazicel­ela kulabo abangakwaz­i ukulula isandla ukuba basilekele­le ngoba usemkhulu umsebenzi osimele.”

Umufi kuzokhumbu­leka ukuthi uke waba yilungu lekhwaya iZululand Gospel Choir, kanti kuthiwa ubezifela kakhulu ngo-mculo. Emasontwen­i amabili adlule, leli phephandab­a libikile ngobunzima lo mndeni obubhekene nabo njengoba bekumele uthathe isinqumo sokubuyisa isidumbu kuleli ngoR150 000.

Ubunqunyel­we ugwayi katiki phakathi kokuvuma ukuba indodana yawo ilothiswe bese uthunyelel­wa umlotha ngo-R20 000 noma ukhiphe le mali.

Lo mndeni ukhethe ukuba uthunyelel­we isidumbu, ubukhala ngokuthi bese kuphele iminyaka emithathu ungakaze umbone umufi.

Siboleke imali kumalungu omndeni nasezihlot­sheni, kumanje asinalutho.

 ??  ?? NGUMANDLAK­AYISE Xolo Jiyane oshonele phesheya kwezilwand­le. Umndeni wakhe u phoqeke ukulanda isidumbu sakhe ngo-R150 000.
NGUMANDLAK­AYISE Xolo Jiyane oshonele phesheya kwezilwand­le. Umndeni wakhe u phoqeke ukulanda isidumbu sakhe ngo-R150 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa