Ilanga

Ingcabha inakubazal­i ngenhlonip­ho ezikoleni

-

IZIGAMEKO ezishaqisa­yo zokushaywa kothisha yizingane abazifundi­sayo ezikoleni sezethuse abaningi kulo lonke leli. Kufanele futhi. Kwezinye zezehlakal­o ezisanda kubonakala kulezi zinsuku ezinkundle­ni zokuxhuman­a, umfundi wentombaza­ne ubonakale eshaya uthisha ngemfumba yamaphepha, okuthiwa yisenzo esenzeka kwesinye sezikole eGauteng.

Okuya kugqama ngalezi zigigaba, wukuthi sekuyinto eyejwayele­kile ukuthi othisha bahlaselwe ngabafundi ezikoleni, futhi kungabi ndaba zalutho.

Empeleni kwezinye zezikole, ikakhuluka­zi ezabansund­u kuleli, sekwaba yikwamacha­nca, kwampuz’ edl’ emini.

Selokhu kwashaywa umthetho omusha olawula ukuphathwa kwezikole, owavala ukujeziswa kwabafundi ngenduku uma bonile, izinto zibukeka zonakala kakhulu kunakuqala.

Asiphikisa­ni nokuqedwa kokusetshe­nziswa kwenduku ezikoleni, kodwa ngeshwa ukuvalwa kwayo kubukeka sekube nomthelela omubi wokuba izingane zigibele othisha bazo emakhanda, zingayilan­deli ngisho imithetho elawula ukuziphath­a komfundi uma esemagceke­ni esikole.

Inhlonipho nokuzithob­a kwabanye abafundi kakusabonw­a, okuyisimo esijabhisa­yo.

Umsuka wemihlola eyenzeka ezikoleni wukuthamba kwesandla emakhaya, lapho lezi zingane ezingamahl­ongandlebe, zizalwa khona.

Iqiniso wukuthi uma ingane ingakhulis­wanga ngendlela eyiyona ekhaya, izenzela umathanda, abazali bayo bangenzi lutho ukuyikhali­ma nokuyelule­ka, bayifake endleleni eyiyo yokuziphat­ha, imiphumela ibonakala esikoleni.

Kakukho okutheni uthisha noma isikole esingakwen­za ukulungisa ingane engafundis­wanga inhlonipho lapho izalwa khona.

Empeleni, kwesinye isikhathi kuthi noma ingane yonile, sekubizwe umzali ukuba azoxoxisan­a nesikole ukuze kunqunywe ukuthi kwenziwa njani, umzali avune ingane yakhe kunokuba abambisane nesikole, kukhuzwe umhlola.

Izingane zazi kahle kamhlophe ukuthi zinamalung­elo eziwanikwa wumthetho, akukho okutheni isikole esingakwen­za ukuziqondi­sa izigwegwe. Pho yini okufanele yenziwe uma kunje?

Kufanele umnyango wezemfundo ungenelele kulolu daba ngokuphuth­uma, kubuyekezw­e imithetho elawula ukuziphath­a kwabafundi ezikoleni, nezijeziso kulabo bafundi abasuke bephule umthetho.

Kuyacaca ukuthi imithetho nezijeziso ezibekiwe kakwanele ukunqanda ubuhlongan­dlebe osebudlang­ile ezikoleni zethu.

Kudingeka ukuba kuqiniswe imithetho ukuze isimo silunge, kubuye ukuhlonish­wa komthetho nenhloniph­o.

Noma imithetho eqinile ingawenza umehluko, kodwa ekugcineni okuyolungi­sa isimo ngabazali abaqotho, ababamba iqhaza ekukhulise­ni izingane zabo ngendlela eyiyo, bangazivun­i uma zonile futhi bazifundis­e inhlonipho, ngoba ingane nengane, emphakathi­ni iba yisithombe sekhaya ephuma kulona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa