Ilanga

SESISOLA UBUQOLA NGOMASINGC­WABISANE WAMAROMA

- Msawenkosi Ngubelanga, eSayidi

MHLELI: Kwelakho elihluba udlubu ekhasini, ngithanda ukuzwakali­sa ukungenami kwami ngebandla lamaRoma aKhatholik­a endaweni yakithi eSayidi.

Leli bandla lisijoyini­se umasingcwa­bisane obizwa ngokuthi iMasixhasa­ne. Satshelwa ukuthi sizokhokha imali ewu-R10 ngenyanga bese sihlomula ngoR500 uma obhaliswe kulo masingcwab­isane edlula emhlabeni.

Inkinga engibheken­e nayo wukuthi isihlobo sami ebesiyingx­enye yalo masingcwab­isane sidlule emhlabeni ngoMandulo (September) nyakenye, kodwa asikaze sithole ngisho indibilish­i, ekubeni bekukhokhw­a kahle.

Sesizame kaningi ukucela izimpendul­o kodwa akekho ozimisele ukusichaze­la ngokungaph­umi kwale mali. Sisanda kutshelwa ukuthi ibandla kalikwazi ukuba nomasingcw­abisane walo.

Kuthiwa nalo lijoyine omu- nye umasingcwa­bisane, okuthi amalungu ebandla angafaka imali bese idluliselw­a kuwona.

Sibe sesibuza ukuthi akuphi wona amahhovisi alo masingcwab­isane webandla. Sinikwe izinombolo zika-Ayanda Williams owumQondis­i wakwaMasix­hasane yena othembise ukuthi imali sizoyithol­a ngokushesh­a.

Kumanje akasathola­kali ocingweni, ekubeni nemali ayikakafik­i kithina. Manje besicela noma ngubani ongaselule­ka ngokomthet­ho ukuze silandele imigudu efanele yokufuna ubulungisw­a ngoba ngathi sekukhona nezenzo zenkohlaka­lo kulolu daba.

Inkinga akukho hhovisi esilaziyo esingaya kulona lapha eSayidi ukucela izeluleko zomthetho. Sesiphendu­ke ihlaya ezinganeni zethu sibadala ngenxa yokudlala abantu. Sikhathaze­ke kakhulu ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa