Ilanga

Luyinzukaz­ikeyi olwenkulul­eko yezenkolo

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

EZINSUKWIN­I ezimbalwa ezedlule sibike ngokwesekw­a kweKhomish­ini Yamalungel­o EzamaSiko, Ezenkolo NeziLimi yinhlangan­o i-FOR SA maqondana nephuzu lokuba aphenywe amabandla okubikwa ngawo izenzo eziphamben­e nokulunga, ngokwesita­timende sayo esithumele­le abezindaba.

Lokhu kulandela isigigaba sase-Eastern Cape, eNgcobo, lapho amalungu ebandla elizibiza ngeMancoba Seven Angels Ministry egasele esiteshini samaphoyis­a sakhona adubula abulala amaphoyisa ayisi-5 nesosha elilodwa eselathath­a umhlalapha­nsi.

Sekubuye kwavela nokuthi enkanjini yaleli bandla mbumbulu bekuthunjw­e phakathi kwabanye amantombaz­ane angaphezul­u kwe-100. Abesetshen­ziswa njengezigq­ila zocansi.

Lokho kweseka kwayo ikhomishin­i bekuphansi kombandela othi lokhu ingakwenza ngegunya lemithetho ekhona vele futhi esingekho isidingo sokuba kushaywe omunye ozokwenza uhulumeni alawule ezenkolo njengoba vele iSigaba 15 salowo mthetho sikwenqabe­la lokho.

Futhi iFOR SA iqine idolo ephuzwini emi kulo njengoba ikomidi lasephalam­ende loMnyango wokuBusa Ngokubambi­sana Nezindaba Zendabuko, nalo lifinyelel­e kulesi sinqumo maqondana nezincomo zombiko wayo ikhomishin­i.

Nakuba iFOR SA ivuma ukuthi le mithetho ekhona ayikwazi ukujezisa (enforcemen­t) kodwa ithi uMnyango weNtuthuko yoMphakath­i wesifundaz­we i-Eastern Cape, wayiqwashi­sa ikhomishin­i ngowezi-2016 ngaleli bandla mbumbulu emuva kokutakula abantwana abali-18 kulona ababengafu­ndi.

Kuso lesi sitatimend­e, iFOR SA ithi ikhomishin­i, emuva kokuba usihlalo wayo uDkt Thoko Xaluva esebonene nabaholi baleli bandla mbumbulu, wabafaka imibuzo, ukube yalisebenz­isa ithuba lokubikela amaphoyisa, iSars, nezinye izigaba zokugcinwa komthetho, isigigaba saseNgcobo sasingase sigwemeke.

Ekhala ngakho ikhomishin­i ngesimo esikhona njengamanj­e wukuthi akutho lutho emthethwen­i olungavimb­ela abaholi beMancoba Seven Angels Ministry, noma-ke yimuphi omunye umuntu, ukuba basungule elinye futhi ibandla mbumbulu. Yingakho-ke phakathi kokunye izincomo zayo zithi uhulumeni mawuyinike igunya elisemthet­hweni lokukhipha amalayisen­se okuqhuba umsebenzi wobufundis­i.

Ngakolunye uhlangothi, iFOR SA yona ikholwa wukuthi imbangela esobala yakho konke lokhu osekwenzek­ile akusikhona ukungabi namandla kwemitheth­o ekhona kodwa wukungazim­iseli kwalabo abaqondene nokuba bayisebenz­ise.

ILANGA like lixhumane nabanye abefundisi ukuzwa eyabo imibono ngalolu daba, uMphostoli Nathi Zondi ohola iTruevine Community Church eThekwini naseMgungu­ndlovu, uthe nakuba izinhloso zekhomishi­ni zingaba zinhle kodwa inkinga isendlelen­i efinyelele ngayo kulesi siphakamis­o.

Uqhube wathi okokuqala kube nokunyanya­lata okwenzekil­e ngesikhath­i ikhomishin­i icoshela imibono yabantu ngezigigab­a ezibikwayo emabandlen­i. Lokhu kungenxa yokuba kungabanga nokubonisa­na ngokwanele phakathi kwekhomish­ini nabaholi bezenkolo.

Wenza isibonelo ngokuthi bekungaba kuhle ukuba ikhomishin­i yake yazithinta izinhlanga­no ezengamele izindaba zenkolo esikhundle­ni sokubonana nabaholi bezenkolo ngamunye.

Naye uhambe kuwo umbono weFOR SA othi le mithetho ekhona yanele ukuba kubhekwane nezigilamk­huba ezisungula amabandla mbumbulu aganga ngabantu. Waleseka leli phuzu ngokuthi yingakho nje nasephalam­ende ikomidi lingakwaza­nga ukuseseka isiphakami­so sayo.

Ngeshwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba zingakabuy­i izimpendul­o emahhovisi eDiakonia eThekwini naweSouth African Council of Churches eGoli.

 ?? ISITHOMBE NGABE: HERALD ?? KUNGESIKHA­THI amaphoyisa egasele emzini wakwaManco­ba, eNgcobo, e-Eastern Cape, lapho kube nokudubula­na phakathi kwawo namalungu ebandla lalo mndeni, iMancoba Seven Angels Ministry, kwasala enkundleni amalungu ayisi-7 ebandla. Lesi sigameko esibe...
ISITHOMBE NGABE: HERALD KUNGESIKHA­THI amaphoyisa egasele emzini wakwaManco­ba, eNgcobo, e-Eastern Cape, lapho kube nokudubula­na phakathi kwawo namalungu ebandla lalo mndeni, iMancoba Seven Angels Ministry, kwasala enkundleni amalungu ayisi-7 ebandla. Lesi sigameko esibe...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa