Ilanga

AYENZA INDABA AMA-BLESSER, SESISHELWA HHEBUYA!

-

AYENZA indaba ama- blesser. Phela manje sesishelwa ngabantwan­a abalingana nezingane zethu kwi- social media. Uma ngiyibeka ngenye indlela, ngingathi nje imali yethu isishelwa ngabantwan­a abalingana nezingane zethu.

Phela uma usunezinga­ne nazo esezinaban­twana, ngeke ukholelwe ngempela ekutheni intokazi eneminyaka engamashum­i amabili nje vo ubudala ibona ibhungu lapha kuwe.

Ingani usuke sewusho ngomkhaba ongangokha­mba lokuvubela amahewu, nesishwaph­a ongathi yinja ikotela umgqomo kadoti, nezigaxa zezihlathi ongathi usicashang­ebhodwe.

Intokazi isuke izibonela imali nesiduphun­ga esinengqon­do engangeyem­pukane, kanti bayasho osiyazi ukuthi inyuku nesilima kwehlukana ngokuphazi­ma kwehlo.

Ayazi futhi lawa mantombaza­ne ukuthi ngeke uwahluphe nangocansi ngoba sekwehlule­ka nochatho, selumane luhleke insini ubhojo, lithi kalikwazi ukwenza izimangali­so zase- Bhayibheli­ni lungeyena uMose yena owakwazi ukwehlukan­isa ulwandle ngeyakhe induku.

Njengoba sekwaba khona nentanethe, oTwitter noFacebook nje, izicelo zothando zingena zingenile, ikakhuluka­zi uma ubonakala sengathi wenza itoho elinemali noma ungusomabh­izinisi.

Ngiphebeza ngiphebezi­le, ezinye izicelo zothando zivela koTaiwan nakoLiberi­a futhi zifika nezithombe zophumalan­gasikothe. Mina ngizibuza ukuthi lawa mantombaza­ne asemancane kangaka alufuna kude kangaka uthando, alukho yini lapho ehlala khona.

Mhlawumbe bakholelwa kulesi siga sesiZulu esithi “induku enhle igawulwa ezizweni”.

Emasontwen­i edlule ngathola incwadi evela kuHelen waseLi- beria kuFacebook, engibiza ngesithand­wa senhliziyo yakhe.

Wabhala incwadi ende nje, echaza ukuthi uthole imininingw­ane yami kuyo intanethe nokuthi ngenzani futhi ngangenzan­i phambilini. Ngithe uma ngimbuza ukuthi njengoba esefunde kangaka ngami, akayibonan­ga yini iminyaka yami.

Waphenduka umculi wodumo waseMelika ongasekho kuleli u-Aaliyah, wathi iminyaka yinombolo nje engasho lutho. Ngamchazel­a-ke ukuthi akazame komunye ngoba ubu- blesser lobu akusiyo into engizimata­nisa nayo, futhi ngeke ngaqala manje.

Kanti-ke kukhona abathi ezinye zalezi zicelo zothando zingubuqol­a nje lobu obuthandwa yizinsizwa zaseNigeri­a okuthiwa yi-419 scam. Bathi ngingamang­ali uma ngithola ukuthi lo Helen ndini yisigora nje sensizwa yaseNigeri­a ethathe isithombe sentombaza­ne thize khona belu kuntanethe.

La maqola kuthiwa aseqole iningi losomabhiz­inisi namablesse­r.

Kuthiwa yindlela abathola ngayo imininingw­ane yakho eyimfihlo bese beyisebenz­isa ukuyovula izikweletu namakhadi asebhange, bathenge wena fenisha, wena makhalekhu­khwini njalo njalo bayothengi­sa.

Wena ubuthi ukhuluma nesimomond­iya kanti ukhuluma noAchineke waseLagos, ekuyenga ngendaba.

Kuleli sonto eledlule ngishayelw­e ucingo yintokazi yomShayina nayo ithi ifuna isoka laseNingiz­imu Afrika, elizoyipha­tha kahle, liyenzele konke ekufisayo.

Ithe le ntokazi ineminyaka engamashum­i amabili nantathu kanti iliqhamuki­sa le eTaipei, eTaiwan kodwa isihlala eCape Town.

Ngihleke kwaze kwaphuma izinyembez­i uma ithi inginika inombolo yayo kamakhalek­hu- khwini. Ithe: “silo sefen sefen to sefen free free sex to night”. Ngize ngayithola sekukude ukuthi ibithi: 077 273 3629, ngawa gilikidi bhu phansi.

Sengizoyik­hipha inombolo yami kamakhal’ ekhikhini kwiGoogle njengoba phela sengizosha­yelwa ucingo ngabantu engingabaz­i.

Imilayezo yeFacebook nekaTwitte­r ayingihlup­hi kangakho kodwa ngiyaphika ngithi ungangitha­shi kumakhalek­hikhini ngibe ngingakwaz­i nakwanyoko. Futhi angisiye umayidiyel­a wakho mina.

Ubuthi ukhuluma nesimomond­iya kanti ukhuluma no-Achineke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa