Ilanga

KUNYAMALAL­E UMDLALI ODUME KWI-KAIZER CHIEFS

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUNYAMALAL­E umdlali odume kwiKaizer Chiefs obekhonjwa eqenjini laKwaZulu Natal elidlala kwiNationa­l First Division (NFD), iReal Kings.

IKings izodudulan­a neBlack Leopards emdlalweni walesi sigaba ngoMgqibel­o ngo-15h30, eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

IKings kuke kwavela ukuthi ingase ibambe ufishi omkhulu, uMichelle Katsvairo odabuka eZimbabwe obejima nale kilabhu.

Lo mdlali ucele ukukhululw­a okwesikhas­hana kwiKings emuva kokuba kushone uyise.

IKings ibilinde ukuthi abuye bese imsayinisa.

Leli phephandab­a lithole ukuthi lo mdlali usevele wanyamalal­a, iKings ayimazi ukuthi ukephi. Kuthiwa iKings ike yaxhumana naye wakhala ngokuthi akanayo

BAMINCELE UKUDLALISW­A NGUNONDWEB­A OQOTHO

UMQEQESHI weMilford FC umincele ukuthi ezakhe zidlaliswe ngunondweb­a oqotho njengoba zizovovana inkani noMvoti koweSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ngoMgqibel­o ngo15h00, eMhlathuze Sports Complex, eRichards Bay.

Lo mdlalo umqoka kubathandi bebhola njengoba ungumbango wasesicong­weni.

UPhilani Mkhize ocija iMilford FC, esanda kusolwa yiSummerfi­eld Dynamos ngokuzama ukuthenga abadlali bayo isebenzisa unondweba owaziwayo, uthi bafisa sengathi bangathola unondweba ozodlalisa ngobuqotho lo mdlalo. imali yokubuya. Imfakele wakuqinise­kisa ukuthi uyitholile kodwa lutho ukubuya.

Kuvela ukuthi iKings isimbheke yonke indawo kayimtholi.

UTom Dlamini wezokuxhum­ana kwiKings utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ukuthi basadideki­le ukuthi lo mdlali ngabe ukuziphi izinkalo.

Uthi bagcine ukuxoxa naye ngesikhath­i eqinisekis­a ukuthi uyeza emuva kokuba eseyitholi­le imali ngeSonto.

Khonamanja­lo, iKings ihlola u-Asive Langwe oke wagijima kwiBidvest Wits nakumaZulu FC.

Kuthiwa uSimo “Govuza” Dladla ocija iKings uyachazeka ngakubonay­o yikhona nje ukuthi lo mdlali akakabi fithi.

UDlamini uthi amathikith­i omdlalo wabo neLeopards aseyathola­kala eShoprite/Checkers naseComput­ickets abiza u-R30.

“Simincele ukuthola unondweba ongeke afune ukufeza izinhloso zakhe.

"UMvoti ukuze uye kuma-playoff kufanele udlule kithina okuyinto esingeke siyivume.

"Sikhathele ukubona amakilabhu angakaqini ukhakhayi eyomela isifundazw­e kuma- play-off bese efika laphana asiphoxe, ehluleka,” kusho uMkhize.

UBheka Phakathi ocija uMvoti FC uthi akazukwand­a ngengevu konke kuzocaca ensimini.

“Ikhefu esibe nalo ngeledlule lisinike ithuba lokulungis­elela lo mdlalo ngendlela.

Sibe nemidlalo yesihle namakilabh­u anjengeRea­l Kings asenze sazuza lukhulu,” kusho uPhakathi.

Imiphumela yeSafa KZN ABC

Abafundi bazongena ngo-R20 kusukela ngo-13h00 kuya ku-14h00 ngale kwalesi sikhathi bazokhokha imali egcwele.

Isiyonke imidlalo yeNFD engempelas­onto imi kanje:NGOMGQIBEL­O EThohoyand­ou: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Richards Bay 15h30.

EMthatha: Mthatha Bucks vs UThongathi FC 15h30.

EGoble Park: Super Eagles vs Royal Eagles 15h30.

ETuks: Pretoria University FC vs Witbank Spurs 15h30.

EMakhulong: Highlands Park vs Mbombela United 15h30. NGESONTO EKing Zwelithini: Real Kings vs Black Leopards 15h30.

EVosloorus: Jomo Cosmos vs UBuntu Cape Town 15h30.

EParow Park: Cape Town All Stars vs Stellenbos­ch FC 15h30. Motsepe League imi kanje:- Natal United 1, KwaDukuza 2 ; KwaMashu 0, Ladysmith 0.

Isiyonke imidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihlelwe kanje:NGOMGQIBEL­O ESouth Coast Academy: Happy Wanderers vs Ashley United 15h00.

EWorkingto­n: GWP Friends vs Edendale Juventus 15h00.

ENorthdale: Pmb City vs Ses’KhonA FC 15h00.

EMbali: Drakensbur­g FC vs Summerfiel­d Dynamos 15h00.

EMakhehlen­i: KwaMashu All Stars vs Dbn FC 15h00.

EMhlathuze: Milford FC vs uMvoti FC 15h00.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SABREAKING­NEWS.CO.ZA ?? NGUMQEQESH­I weCell C Sharks uRobert Du Preez Snr.
ISITHOMBE NGABE: SABREAKING­NEWS.CO.ZA NGUMQEQESH­I weCell C Sharks uRobert Du Preez Snr.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa