ISundowns izozidlela amahlanga koweCaf
Kubuya izethenjwa ebeziphunyuziwe
IMAMELODI Sundowns kubhekwe idlule ishushuluza ibheke emzuliswaneni olandelayo weCaf Champions League njengoba izobhekana neRayon Sports yaseRwanda emlenzeni wesibili walo mqhudelwano, ngeSonto ngo-19h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Emlenzeni wokuqala la makilabhu abambane ngo-0-0.
ISundowns ikhale ngokuthi ayizange ilinikwe ithuba lokuzilolonga enkundleni obekugijinywa kuyo ngenxa yokungabi bikho kukagesi.
UManqoba “TV” Mngqithi oyisekela likaPitso Mosimane obebambe izintambo zokuqeqesha kwiDowns iguqisa ngo-2-1 -EC Bees kowe- Last 16 yeNedbank Cup ngoLwesibili kusihlwa eLoftus Stadium, ePitoli, uthi akaboni libahlula leli qembu laseRwanda.
UMosimane uzoshaya ibuya kulo mdlalo kwazise ubemenywe ukuyokwenza izifundo zokuqeqesha zeCaf eMorocco.
“Lo mdlalo angiboni sizoba nenkinga yokuwunqoba, le kilabhu ayinzima kangako.
"Okufanele sikugweme nje wukuthi ingashayi igoli ekuhambeni.
Asizukulithatha kancane leli qembu kodwa wona umdlalo sizowunqoba lokho kuyaphoqa.
"Sizokwenza izingunquko eqenjini esidlale ngalo iNedbank sizosiqinisa isikimu,” kusho uMngqithi.
Kulo mdlalo kulindeleke kubuye uPercy Tau ( osesithombeni), Tiyani Mabunda noRicardo Nascimento noDennis Onyango abebephunyuziwe koweNedbank.
Komunye umdlalo weCaf Champions League, iBidvest Wits izobhekana ne-Agosto yase-Angola emlenzeni wesibili ozokuba kusasa ngoLwesihlanu ngo-19h00 eBidvest Stadium, eGoli.
Emlenzeni wokuqala iWits iguqe ngo-1-0 ekuhambeni.
KweyeCaf Confederation Cup, iSuperSport United izobhekana nePedro de Luanda yase-Angola emlenzeni wesibili okusasa ngoLwesihlanu ngo-19h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
Emlenzeni wokuqala la makilabhu abambane ngo-0-0 e-Angola.
ICape Town City izobhekana neCosta do Sol yaseMozambique emlenzeni wesibili okusasa ngoLwesihlanu ngo-19h00 eCape Town Stadium.
Emlenzeni wokuqala iCity inqobe ngo-1-0 ekuhambeni.