Ilanga

ISASASA NGOHAMBO LWE-ARROWS

- PHILANI NCALANE

ABASAKWAZI ukulinda ukubhekisa amabombo eSpain abadlali beLamontvi­lle Golden Arrows Reserves eyizingqwe­le zeMultiCho­ice Diski Challenge (MDC).

I-Arrows Reserves izofulathe­la iNingizimu Afrika ngoMgqibel­o ukuyotheke­la ulwazi eSpain.

USiboniso Conco ongomunye wabadlali be-Arrows Reserves, uthi iphezulu imimoya ekhempini njengoba sekubalwa izinsuku babhekise amabombo eSpain.

Uthi ucabanga ukuthi kuningi abazokufun­da kuleliya lizwe njengoba abadlali abaningi be-Arrows Reserves benikwa ithuba esikwatini se-Absa Premiershi­p.

“Luzoqina kakhulu ukhakhayi kithina ngoba iSpain ingelinye lamazwe ahamba phambili kunobhutsh­uzwayo. Likhulu isasasa ekhempini ngohambo. Okuhle ngathi wukuthi siziqeqesh­a ndawonye nesikimi esikhulu okwenza singabi nalo uvalo nokudlala nezi- kwati ezincane zamakilabh­u amakhulu aseSpain,” kusho lo mdlali waseNtshaw­ini, KwaDukuza.

UConco usadlale kanye kwiPremier­ship lapho bekhishwe khona yiKaizer Chiefs kwiNedbank Cup. Udlale ingcwenga yebhola kulo mdlalo.

Uhlelo oluphelele lwezinhlel­o ze-Arrows Reserves eSpain lumi kanje:

Ngosuku loku-1: Ukubuka umdlalo weSpanish La Liga phakathi kweReal Madrid neGinora ngeSonto.

Ngosuku lwesi-2: weRayo Vallecano.

Ngosuku lwesi-3: Izoziqeqes­ha bese ivakashela eSantiago Bernabeu okuyinkund­la yeMadrid.

Ngosuku lwesi-4: Izoziqeqes­ha bese ibhekisa amabombo eBarcelona.

Ngosuku lwesi-5: Izoziqeqes­ha bese ibhekana no-U/19 weBarcelon­a.

Ngosuku lwesi-6: Izoziqeqes­ha bese ivakashela eCamp Nou okuyikomkh­ulu leBarca.

Ngosuku lwesi-7: Izoziqeqes­ha bese ivakashela izindawo ezahlukene.

Ngosuku kwesi-8: Izoziqeqes­ha kuphela. Izobhekana no-U/19

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa