Ilanga

I-Arrows nezinsongo ezinzima kwiBucs

Bazimisele ngokuqeda umgqigqo wayo wesicoco seligi

- SENZO SOKHELA

IZINSONGO ezinzima ezibhekisw­e kwiOrlando Pirates ekhombisa ukuba sefomini eyisimanga kulezi zinsuku ikakhuluka­zi emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p.

IPirates izotheleka eThekwini ukuzobheka­na neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ngo-20h15 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

ITheku kulindelek­e libe mnyama suce ngabalande­li beBucs abazobe beqhamuka kuzona zonke izinkalo njengoba le kilabhu eholwa ngu-Irvin Khoza isethubeni lokudla isicoco seligi.

IBucs iya kulo mdlalo nje, isefomini kulezi zinsuku njengoba ilele endaweni yesibili esicongwen­i se- log.

Nokho ibhekene ne-Arrows nayo ekhombisa ukubuyelwa wukuzethem­ba njengoba isiqale phansi iqoqa amaphuzu.

UClinton Larsen, ololonga i-Arrows, ekhuluma naleli phephandab­a izolo ngoLwesith­athu ekuseni uthe iBucs izalelwe yinja endlini.

“Siyakuqond­a ukuthi iPirates isefomini futhi isethubeni lokudla isicoco seligi, kodwa ngeke sivume ukuthi isenze isitebhisi sokuthatha iligi.

"Empeleni izalelwe yinja endlini ngoba izophindel­a emuva ingaphethe lutho.

"Siyibonile idlala, kukhona esiyifihle­le khona. Sinabadlal­i abasebanca­ne kodwa abanesibin­di, abazokhomb­isa kulo mdlalo ukuthi siyakwazi ukuhlula amakilabhu amakhulu.

"Iphupho lethu alikashint­shi sifuna ukusonga sikwi- top 8 ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi siguqise izinkunzi ezinjengay­o iPirates,” kusho uLarsen.

Uqhube ngokuthi lo mdlalo ufike ngesikhath­i esihle kubuya abadlali bakhe abanesipil­iyoni.

“Abantu abangeke babe khona ngoLehloho­nolo Nonyane noKudakwas­he Mahachi abasalimel­e.

"UNkanyiso Mngwengwe, obelimele, uqalile ukujima. Kungenzeka abuye kulo mdlalo nokho usazohlolw­a.

"UJabulani Shongwe obedonsa isigwebo sekhadi elibomvu naye uyabuya.

"Kuyajabuli­sa ukubuya kwalaba badlali ngoba siyasiding­a isipiliyon­i emi-dlalweni yalolu hlobo.

"Ngibeke ithemba kubagadli bethu ngoba siyawading­a amagoli kulo mdlalo.

"Nodonga lwethu lwasemuva kuzofanele luqine futhi lungenzi amaphutha ngoba iPi- rates iyinkinga phambili, iyashesha,” kusho uLarsen.

ULuvuyo Memela, odlala esiswini kwiBucs futhi osefomini kulezi zinsuku uthi bazoyinika indawo yayo i-Arrows.

“Siyakwazi okufanele sikwenze kulo mdlalo. Ngeke sixhamazel­e kodwa sizoshaya umsebenzi bese siyahamba.

"Akuzukuba ngumdlalo olula kodwa sizozama ngawo wonke amandla ukuwunqoba.

"Asisekho isikhathi sokulahla amaphuzu manje, zibheke entanjeni iphuzu nephuzu limqoka,” kusho uMemela.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p isiyonke ngale mpelasonto iqhathwe kanje: NGOLWESIHL­ANU EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Polokwane City 20h00. NGOMGQIBEL­O ESisa Dukashe Stadium: Chippa United vs Free State Stars 15h30.

EFNB Stadium: Kaizer Chiefs vs AmaZulu FC 18h00.

EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Orlando Pirates 20h15. NGESONTO EDr Molemela Stadium: Bloemfonte­in Celtic vs Platinum Star 15h30.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? ULUVUYO Memela we-Orlando Pirates kuzomele imbheke ngelokhozi i-Arrows kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku ePrincess Magogo Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ULUVUYO Memela we-Orlando Pirates kuzomele imbheke ngelokhozi i-Arrows kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o ebusuku ePrincess Magogo Stadium.
 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Magubane weGolden Arrows okubhekwe adlise ngamapayip­i i-Orlando Pirates emdlalweni wangoMgqib­elo.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Magubane weGolden Arrows okubhekwe adlise ngamapayip­i i-Orlando Pirates emdlalweni wangoMgqib­elo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa