Ubhoboka okokuqala ofelwe yizingane (4)
Umsolwa, ongumfowabo, ucele ushwele emndenini
'KANGIZIBONI ngiphinda ngikhuluma nomfowethu ngento ayenzile, yokubulala izingane zami zingenacala, ngesihluku esingaka ngoba efuna imali nje!”
La mazwi adabukisayo azwakaliswe nguNkz Silindile Mbhele (30) ( osesithombeni) ongunina wezingane ezine ezabulawa ngoMandulo ( September) nyakenye KwaNzimakwe, ePort Edward.
Kuboshwe umalume walezi zingane, uMnu Ben Mbhele (32), nomngani wakhe, uMnu Sibongiseni Nyawose (48) ngaleli cala. Bavelile enkantolo ngoMsombuluko.
UMnu Mbhele ulivumile icala okwenze elakhe ladluliselwa eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu lapho lizongena khona mhla zingama-22 kwephezulu. Lingenile elikaMnu Nyawose izolo ngoLwesithathu eRamsgate kodwa lahoxiswa okwesikhashana.
ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noNkz Mbhele ukuzwa uvo lwakhe ngemuva kokuboshwa komfowabo abelamana naye ngecala lokubulala izingane zakhe ezine. Kuthiwa wenze lokhu ngoba egaqele imali yomshwalensi abekhave ngayo abashana bakhe.
UMnu Mbhele ubhekene necala lokubulala uBandile (12), uLwandile (10), uSphindile (7) noLwandle (4).
ILANGA lihambele kubo kaNkz Mbhele, lapho okwenzeka khona lesi sigameko, lazibonela amathuna alezi zingane eklele ngezansi komuzi.
Lithole uNkz Phakamile Mbhele ongunina omdala wezingane, olitshele ukuthi udadewabo akasahlali kubo. Uthe selokhu ahamba ngemuva kwalesi sigameko, usehlala nabangani bakhe.
Uthi ubatshele ukuthi uyehluleka ukuhlala kubo abuke amathuna ezingane zakhe eklele egcekeni.
UNkz Mbhele uthathe leli phephandaba walisa lapho kuhlala khona udadewabo. Limfice elele, ebukeka engumuntu otubekile.
Uqale waba manqika ukuxoxa nto. Ngathatha isinqumo sokuhamba ekhaya ngiyohlala nabangani bami ngenxa yokuthi bengihluleka ukubuka amathuna ezingane zami eklele egcekeni. Bengivele ngifikelwe yizinyembezi, ngizibuze ukuthi kungani izingane zami zabulawa kabuhlungu kangaka,” kusho unina wabafi.
Ubexoxa neLANGA kubonakala ukuthi isimo sakhe kasikho sihle njengoba ubebuye athule, angakuphenduli abuzwa khona.
“Besizwana kakhulu nomfowethu kangangoba ngisho ngifuna imali bengifonela yena, anginike. Kusanda kungcwatshwa izingane zami wangithatha wayongithengela izimpahla zokugqoka zikaR2 000 ngingamcelanga. Wabuye wangithengela neselula entsha.
“Bekuthi uma ngifuna imali anginike. Kwesinye isikhathi bengifonelwa nguyena engibuza ukuthi kukhona yini engikudingayo. Sengiyabona ukuthi ubengenza isilima, ubengithengela ngemali yokushona kwezingane zami,” kubalisa uNkz Mbhele.
Uthe ubenalo ulwazi lokuthi umfowabo ubebakhavile nezingane zakhe ngenxa yokuthi bekungu- yena osebenzayo.
Uthe nguyena owanika umfowabo imininingwane yakhe neyezingane zakhe ngesikhathi eyicela, emtshela ukuthi ufuna ukubadlalela umasingcwabisane.
Uthe ubengazitsheli ukuthi wenza lokhu ngenhloso yokubulala izingane zakhe.
“Selokhu ngathatha isinqumo sokuhamba ekhaya, nguyena umuntu obehlale engifonela engibuza ukuthi ngiphila kanjani lapho engihlala khona. Belingapheli isonto singakhulumanga ezinkundleni zokuxhumana,” echaza.
ILANGA limbuza ukuthi ubekuphi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kubantwana bakhe, uthukuthele wathi: “Uyabona-ke, yingakho ngingafuni ukukhuluma nezintatheli ngoba ngiyazi zizongibuza lo mbuzo ongidinayo.”
Ugcine engawuphendulanga lo mbuzo. Uthe usazimisele ngokuthola abanye abantwana uma isimo sesimvumela njengoba ethi uyabathanda.