Ilanga

KUDUNWE OWODUMO KWI-ARROWS

- SENZO SOKHELA NOMFANAFUT­HI NDLOVU

UNHLANHLA Mshibe ozakhele udumo egijima kwiLamontv­ille Golden Arrows, udunwe imoto ngoMgqibel­o ebusuku eMlazi.

UMshibe utshele ILANGA izolo ngeSonto ntambama ukuthi uyoyixoxel­a amagwababa echobana into emehlele. Uthe usuke enkundleni lapho bekubheken­e khona iLamontvil­le Golden Arrows ne-Orlando Pirates ngoMgqibel­o ebusuku, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ehamba nabangani bakhe walibhekis­a eLamontvil­le beyozihlal­ela.

“Ngibe sengicelwa ngabanye abangani bami ukuba ngibahambi­se e- car wash kwa-D eMlazi ngoba bese kukhona abangazwan­i nabo. Ngithe nje ngibashiya kwaqhamuka abafana abayisi-7 bangikhomb­a ngezibhamu, bangifuna imoto. Bangikliny­ile, bahamba nami bangidalak­axa kwa-B, khona eMlazi, bahamba ngemoto, bathathe imali, umakhalekh­ukhwini nokunye nje okuningi.

"Ngenhlanhl­a nje besanda ku- ngishiya, kuqhamuke uJaphet Zwane ngambikela udaba wangiyisa emaphoyise­ni,” kusho uMshibe. Uthi imoto yakhe itholakale ishayisile kukhona isibhamu ngaphansi kwesihlalo somshayeli.

“Ngisola ukuthi bese behamba bebamba inkunzi ngayo ngoba kutholakal­e izimpahla obonayo ukuthi ziphucwe abantu. Imoto ( esesithomb­eni) yona kuphelile ngayo, angiboni ukuthi isazolungi­seka. Vele lo mfana obengiphuc­a imoto, ubehluleka wukushayel­a sisahamba.

"Kungenzeka ukuthi ibachithil­e base bephuma bebaleka,” kusho uMshibe othi namanje usathukile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe lokudunwa kwemoto eMlazi, wathi amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa