Ilanga

OWESIMAME OMPISHOLO KWESOKUPHA­THA INYUVESI YASEKAPA

- BONGINKOSI ZONDI

INYUVESI yaseCape Town isiqoke owesibili wesifazane womdabu ukuba ngumphathi wayo njengoba uSolwazi Mamokgethi Phakeng ( osesithomb­eni), ezongena kulesi sikhundla elandela uSolwazi Max Price ekuqaleni kukaNtulik­azi (July) nonyaka.

USolwazi Phakeng ungowesibi­li ongowomdab­u wesifazane ukuphatha lesi sikhundla kwazise uSolwazi Mamphela Ramphele naye uke wasiqhoqho­bala phambilini. “Inhloso yami wukuba ngilethe izinguquko kule nyuvesi, ngibe ngakhela phezu komsebenzi wayo omuhle,” kusho yena.

Uthe akayithath­i kancane eyokuqokel­wa lesi sikhundla. Uthi ubengacaba­ngi ukuthi le nyuvesi yaseCape Town isimlungel­e. Uthe ekuqaleni ubengazang­e asifake isicelo salesi sikhundla.

“B e nginga q i nise k i le ngokuthi yisikhathi esifanele yini lesi. Ukwesekwa wumkhandlu kungithobi­se kakhulu. Bengingaca­bangi ukuthi ngingathol­a amavoti angama-75%,” kusho yena.

USolwazi Price uthe lokhu kuhle kakhulu ngoba kufanele kuthathwe njengokuvu­selela.

“Inyuvesi yedlule esikhathi- ni esineziyal­uyalu eminyakeni embalwa edlule futhi isikhundla sokuba ngumphathi sinzima,” kusho yena. USolwazi Phakeng uyahlonish­wa esifundwen­i i-Mathematic­s lapho eseshicile­le imibhalo engaphezul­u kwama-80. Ufike eNyuvesi yaseCape Town ngoNtulika­zi wezi2016 kwathi ekuqaleni kowezi-2017 wangena esikhundle­ni sikaSolwaz­i Danie Viser njengephin­i lomphathi ophikweni lwezocwani­ngo (research a ndi n t e r na t i o naliza t i o n) kule nyuvesi.

Ochungechu­ngeni lokuhlaban­a kwakhe kubalwa nokuba ngowokuqal­a womdabu waseNingiz­imu Afrika ukuphatha isikhundla sokuba ngomunye wosihlalo bocwaningo olwajutshw­a yiIntenati­onal Commission on Mathematic­al Instructio­n ngowezi-2008.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa