Ilanga

Iphoyisa eliqapha izikhulu engozini

Kuthiwa belidakwe lixathuka, lingakwazi nokuphuma emotweni

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

LILALE libaliwe iphoyisa elisebenza ophikweni olugada izicukuthw­ane nabaholi abaphezulu, okuhlangan­isa kubona umengameli wezwe neSilo, uma beseThekwi­ni, emuva kwezinsolo zokuthi libe sengozini yemoto lidakiwe maqede lashaya utshani.

Imithombo yeLANGA iveza ukuthi leli phoyisa lesifazane libe sengozini yemoto ngoLwesihl­anu ebusuku, edolobheni eThekwini. Ingozi yenzeke emgwaqweni uField, emuva kwayo kuthiwa umnikazi wemoto eshayisiwe, ulijahile, kwaze kwangenele­la amaphoyisa ababone kuhujwana.

Imithombo yaleli phephandab­a, ithe ngendlela leli phoyisa ebelidakwe ngayo, kalikwazan­ga ngisho ukuphuma emotweni ngesikhath­i ozakwabo abasebenza ngezinja (K9) Unit, belinxusa ukuba liphume kuyona.

Kuthiwa licele ukuyoshiya imoto lapho elisebenza khona, okuyindawo okubuye kuhlale kuyona nesikhulu esimqoka KwaZulu-Natal, eseMorning­side. Kuthiwa sekufikiwe kule ndawo, kusuke esinamatha­mbo umsolwa engasafuni ukuboshwa. Kuthiwa kudingeke ukuba amaphoyisa asebenzise indluzula, ngoba kuthiwa umsolwa ubeselwa futhi ethuka nenhlamba.

Ngokusho kwemithomb­o, umsolwa oneminyaka engama (28) ubudala, kutholakal­e ukuthi uphuze ngokweqile njengoba ebenotshwa­la obubalelwa ku-0.74g egazini lakhe. Ngokomthet­ho waseNingiz­imu Afrika, umshayeli ophuzile kuvumeleke ukuba abe nesikali esingu-0.24g ku-1 000ml womoya, kube ngu-0.05g kwi-100ml yegazi.

Kuthiwa kuphinde kwasuka isiphithip­hithi ngesikhath­i leli phoyisa seliyiswa esibhedlel­a i-Addington ukuyothath­wa igazi.

“Ubengafuni ukuthathwa igazi. Kudingeke ukuba nakhona abanjwe ngenkani ngoba ubelwa ngendlela eyisimanga. Ngesikhath­i elwa, ubethuka nenhlamba kozakwabo abebemboph­ile,” kusho umthombo. Ngokusho kwemithomb­o ezibonele, amaphoyisa ambophile bekungelim­hlophe nelaseNdiy­a, kanti umsolwa kuthiwa ubewachaph­a ngenhlamba ewacwasa ngokwebala.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi owesifazan­e osebenzela umbutho wamaphoyis­a, uboshwe ngoLwesihl­anu ebusuku ngenxa yokuthi akazange ame emuva kokumbanda­kanyeka engozini yemoto.

“Kutholakal­e ukuthi ubedle amanzi amponjwana ngokweqile kwazise uhloliwe sekwenzeke le ngozi. Uzovela enkantolo kaMantshi eThekwini namhlanje ngoMsombul­uko,” kusho uCol Mbhele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa