Ilanga

Ibalisa ngesithunz­i inkosi eshaywe inqunu

Lthi ingenelwe ngesibhaxu kubuka undlunkulu nabantwana

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IBALISA ngokwehlis­wa isithunzi ngendlela exakile phambi kukandlunk­ulu nabantwana bayo Inkosi uSimphiwe Thandanani Zulu yaseNtembe­ni, eMelmoth, engenelwe ilele entathakus­a yangoLwesi­ne ngamadoda angaziwa azibize ngamaphoyi­sa afike ayithela induku.

Ithe ishaywe ingembethe, kubuka umndeni wayo, la madoda efuna isibhamu. Nakuba kungavumi ukuba ikhulume ngalolu daba iNkosi uZulu kodwa ikhala kakhulu ngesithunz­i sayo esehliswe italajwa ingembethe.

“Angikaze ngehlelwe yisithunzi kanje empilweni yami. Ngishaywe ngezimpama phambi kwezingane nomkami bebuka ekubeni ngiphethe isizwe. Uma kuwukuthi kukhona abebekufun­a, kungani ngingabize­lwanga esiteshini?

“Bengizoya khona bese bengibuza kahle konke abakufunay­o. Ibuhlungu into abayenze kimina nomndeni wami kanye nesizwe nje sonke,” kusho iNkosi uZulu.

Kuthiwa kusize ukufika kukamkhwek­azi wayo inkosi, ozala uNdlunkulu Phindile Zulu, ehamba namaphoyis­a asendaweni.

Ngokuthola kweLANGA, amaphoyisa ashaye inkosi abengasuki esiteshini saseMelmot­h.

Kuthiwa kakucaci ukuthi abevela kuphi njengoba kuthiwa abemaningi, ehamba ngezimoto ezibhaliwe okuthiwa abezishiye buqamama nesigodlo.

Kuthiwa la maphoyisa aphinde asola inkosi nondlunkul­u ngokweba imoto yohlobo lweGolf ebipa- kwe egalaji lakhona.

ILANGA lihambele iNkosi uZulu ngenhloso yokuthola ngokwenzek­ile, liyifice iphuma kwadokotel­a njengoba ibixhuga. Ibibonakal­a ukuthi itubekile emzimbeni njengoba ibihamba idondoloze­la.

Elandisa ILANGA ngokwenzek­ile uNdlunkulu uZulu, uthi bese ligamenxe ihora lokuqala ekuseni ngesikhath­i bezwa kungqongqo­za umuntu emnyango. Uthi ubuzile ukuthi ngubani, waphendula ngokuthi makavule ngamaphoyi­sa. Ngaleso sikhathi uthi bekuzwakal­a ukuthi baningi abantu abami ngaphandle njengoba bebehhomuz­ela.

“Ngithathe ucingo ngashayela umama ukuba aphuthume azolanda izingane ngoba bengingazi noma ngamaphoyi­sa ngempela yini. Ngiqeda nje ukukhuluma naye, avele akhahlela isicabha angena ngaphakath­i aqonda ku- Mntwana (Inkosi) ambuza ukuthi sikuphi isibhamu sikamfowab­o obeyisosha. Usilanduli­le, elinye lawo lamshaya ngempama sibuka nezingane.

“Basuke lapho bamhlalisa phansi, bethi makakhulum­e iqiniso. Ngaleso sikhathi bebeqhubek­a nokuyishay­a inkosi yize ibatshela ukuthi kayisazi isibhamu abakhuluma ngaso. Elinye lize kimina langibuza ukuthi uphi umfowabo wenkosi omncane, ngiliyalel­ile igumbi lakhe, safike sangamthol­a labe selingiqhu­misa ngenkulu impama lithi mangikhulu­me iqiniso,” kusho undlunkulu.

Uthe ambuze imoto ayisho nohlobo lwayo, wawatshela ukuthi ikhona isegalaji, amyisa khona. Uthe nakhona afike ambuza ukuthi uyithathep­hi imoto okuthe uma ewaphendul­a, athi unamanga, yebiwe.

Uthi kusize ukuba kuqhamuke iveni yamaphoyis­a aseMelmoth ebihambisa­na nonina abe eseqoqa ngokushesh­a aphuma angena ezimotweni.

UNdunankul­u wenkosi, uMnu Lucky Nduna Zulu, uthe isizwe saseNtembe­ni sisashaqek­ile yisenzo samaphoyis­a ngoba akhombise ukungayihl­oniphi inkosi ngalokhu.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe ubungakafi­ki umbiko ngokushayw­a kwenkosi yaseNtembe­ni. Uyeluleke ukuba ivule icala.

“Besingakez­wa ngalokhu kodwa izindaba ezinjena ziyethusa ngoba indlu yobukhosi bendabuko iyahlonish­wa kakhulu. Wonke umuntu unelungelo lokuvula icala uma ebekwe isandla ngoba akukho emthethwen­i ukushaya umuntu,” kusho uMnu Mayisela.

UColonel Thembeka Mbhele, okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, ukuqinisek­isile ukuthi kunecala elivuliwe lokulimaza impahla emuva kokuba kufike abantu abazibize ngamaphoyi­sa befuna isibhamu esingekho emthethwen­i. Uthe akukaboshw­a muntu, amaphoyisa asaphenya.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? IZICABHA zisale zilimele kanjena emzini wenkosi ngemuva kokuba kugasele abazibize ngamaphoyi­sa, bafike bayishaya bethi mayikhiphe isibhamu.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E IZICABHA zisale zilimele kanjena emzini wenkosi ngemuva kokuba kugasele abazibize ngamaphoyi­sa, bafike bayishaya bethi mayikhiphe isibhamu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa