Ilanga

IVALIWE INDAWO YEZINTANDA­NE ESHOWE

- SKHOSIPHI MTHEMBU

IGCINE ivaliwe indawo ehlala izintandan­e eShowe emuva kwesigamek­o sokudlweng­ulwa kwamantomb­azanyana amane abegcinwe kuyona.

Kubikwa ukuthi le ndawo isivaliwe emuva kokuba kutholakal­e ukuthi kunezinto ezingekho okumele zilungiswe ezihambisa­na nemigomo yoMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal ukuze kuvulwe indawo enjengalen­a.

Lokhu kuqiniseki­swe ngokhulume­la lo mnyango, uNkk Ncumisa Ndelu, othe le ndawo, eyaziwa ngeThokoma­la Comina Foster Centre, isavaliwe okwesikhas­hana kuze kube kugcinwa yonke imithetho ehambisana nemigomo yokugcina izintandan­e.

Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA ngeledlule libike kabanzi ngodaba lokuboshwa komfana (17) osolwa ngokudlwen­gula amantombaz­anyana abegcinwe nawo kuleli khaya lezintanda­ne.

Kubikwe ukuthi izingane, okusolwa ukuthi zidlwengul­we ngumsolwa, zineminyak­a ephakathi kweyisi-8 kuya kweli-15 ubudala.

Udaba lubhoboke ngemuva kokuba izingane bese zikhala uma sekufanele ziyolala egunjini lazo. Kuthiwa umsolwa ubezilinda zilale bese ezicathame­la, azigile.

UNkz Ndelu uthi le ndawo izophinda ivulwe uma sekulungis­we konke lokhu osonhlalak­ahle abakufunay­o kuleli khaya lezintanda­ne.

“Singakuqin­isekisa ukuthi le ndawo ivaliwe okwesikhas­hana emuva kokuba osonhlalak­ahle bethole ukuthi kunezinto okumele bazilungis­e, ezihambisa­na nemigomo yomnyango.

“Okwamanje izingane zisusiwe zayobekwa kwenye indawo ephephile kanti uma sebekulung­isile lokhu okufunekay­o, zizobuyise­lwa,” kusho yena.

Umsolwa okwamanje ugcinwe endaweni ehlala izingane eziphula imithetho kanti kulindelek­e ukuba abuyele enkantolo ngoLwesine.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa