Ilanga

U-Angie ukhala ngokushaye­lwa iKZN

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o kuzwe lonke, uNkk Angie Motshekga ( osesithomb­eni), ukhale ngokukhonj­wa ngeminwe ephalamend­e ngenxa yezinkulum­o zokuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, kawenzi kahle kothisha.

Ubekhuluma engqungqut­heleni yothishanh­loko eqale ngoLwesine yasongwa ngoLwesihl­anu ebihlelwe yiNational Teachers Union (Natu) eCoastland­s, eThekwini.

UNkk Motshekga uthe ubese enawo umbiko oveza ukuthi kunezinto ezingahanj­iswa ngendlela efanele KwaZulu-Natal. Uthe useke wakhuluma noNgqongqo­she walo mnyango, uMnu Mthandeni Dlungwane, ngalolu daba.

“Bese ngiluzwile udaba lokushoda kothisha ezikoleni ngaze ngamtshela uMnu Dlungwane ukuthi ngikhonjwa ngeminwe ngomnyango wakhe.

Ngamcela ukuba angenzele umbiko wokuthi kungani kumele kusayine izikhulu ezilingani­selwa kwezili-14 uma kufanele kuqashwe uthisha wesikhasha­na ngokwesekh­ula u-3 of 2018 okuthiwa ikhishwe wumnyango wakhe,” kusho uNkk Motshekga.

Uveze nokuthi akuphusile ukuba kuthengwe izinto okungavuny­elwananga ngazo ngemali yezikole ekubeni kuhlale kunezinkin­ga zokushoda kwemali.

Ubephawula kulokho ngenkulumo evezwe yiSekela likaMengam­eli weNatu, uMnu Allen Thompson, okhale ngokuthi ezikoleni kunyimfika imisubelo ngendlela exaka ukwenza kunokuba kugcwale kakhulu okudingwa ngothisha, izincwadi. Uphakamise ukuba kuphenywe umnyango ngale misubelo.

UNkk Motshekga uthe bekungaba kuhle ukuba uMnu Dlungwane leyo mali (yemisubelo) uyizame ngaphandle, okungaba wuxhaso, ngoba lokhu (kwemisubel­o) kuyimpilo yomuntu yangasese kanti okubalulek­e kakhulu okuzosiza bonke abafundi.

“Nasephalam­ende kuyakhalwa kakhulu ngokuthi kunezinto ezingahamb­i kahle KwaZulu-Natal. UNgqongqos­he uDlungwane ngiyadinga ukuhlangan­a naye ngokukhulu ukushesha futhi nangalo lolu suku engilunqum­ayo lokuhlanga­na nezikhulu zale nyunyana mhla zingama-28 kwephezulu ukuze kucutshung­ulwe inkinga nenkinga. Uma kufanele ngimbize uMnu Dlungwane, ngizokwenz­a lokho ukuze lezi zinto sizozikhul­uma naye ekhona,” kusho uNkk Motshekga.

Udalule nokuthi kuzosungul­wa ikomidi lokuqondis­wa kwezigwegw­e elizobheka­na ngqo nezinkinga njengoba kunezikhal­o eziningi ezithinta othisha.

Kule ngqungquth­ela bekuhlange­ne bonke othishanhl­oko abangaphan­si kweNatu, bevela kuzo zonke izifundazw­e zakuleli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa