BAFUNA KUQEDWE I-LO EZIKOLENI
BAFUNA ibuyekezwe eyokufundwa kweLife Orientation (LO) ezikoleni othishanhloko, bakhala ngokuthi awabalwa amaphuzu ayo uma abafundi sebefuna izikhala zokufunda emanyuvesi.
Lokhu kuvezwe engqungqutheleni yothishanhloko ebiseCoastlands eThekwini, eqale ngoLwesine yasongwa ngoLwesihlanu, ihlelwe yiNational Teachers Union (Natu) ukudingida ngezinkinga kwezemfundo.
Omunye wothishanhloko ubuze ukuthi kungani kufanele bachithe isikhathi sabo ngeLO ekubeni lesi sifundo sithathwa njengesingabalulekile emanyuvesi.
Uthe bathola ingcindezi kubahloli uma sekufuneka umsebenzi weLO. Bakhuze u-elethu othishanhloko, bathi ayibhekisiswe le ndaba ngoba mningi umsebenzi owenziwayo kulesi sifundo.
UDkt Mafu Rakometsi, oyiChief Executive Officer (CEO) kwaMalusi, uthe kasikho isifundo esingabalulekile. Uthe lesi sifundo sisiza kakhulu abafundi ngendlela yokuphila nokuziphatha.
Uthe kudingeka izingxoxo ezijulile phakathi kwabo namaFaculty Dean asemanyuvesi ngalesi sifundo ukuze aboniswe ngokubaluleka kwaso.
Okunye okubekwe eqhulwini wukuthi kumele ibhekisiswe indaba yothisha abafundisa ngePost Graduate Certificate in Education (PGCE), ekutheni akuyilimazi yini imfundo.
Isikhulu esiphezulu kwaSouth African Council of Educators (Sace), uNkk Ella Mokgalane, sithe kunesikhalo sokuthi ukwehla kwesithunzi sothisha kubangelwa yilaba abasuke bengene ebuthisheleni bengenalo uthando kodwa ngenxa yokuthi kabawutholanga umsebenzi abasuke bewufundela bese benza isitifiketi sePGCE.
“Umsebenzi wethu omkhulu wukuphenya uma uthisha enecala, simsule emabhukwini bese uMnyango wezeMfundo umxosha. Maningi amacala abhekana nothisha, kwesinye isikhathi esithola ukuthi basuke beqanjelwa amanga. Kusuke kuhlangene abazali, bethengwe nguthisha.
“Udaba lwePGCE lusematheni, kusamele silubhekisise impela, kwazise nabangenzi kahle emiphumeleni yabo bavamisile ukukhomba ukuthi kungenxa yalabo thisha abaqashwe ngePGCE,” kusho uNkk Mokgalane.
Kule ngqungquthela bebecobelelana ngolwazi othisha, bebodwa abadingida ngezinkinga ababhekene nazo ezikoleni zabo kanti nezikhulu eziphezulu beziyingxenye yayo.
UMengameli weNatu, uMnu Siphosethu Ngcobo, ugqugquzele othisha ukuba basebenze kubuyiswe isithunzi sabo.
Kuyona le ngqungquthela othishanhloko bezikole bebecijwa nangendlela yokuphatha izikole.