Ilanga

OTHISHA BATHI BAYATHETHI­SWA EMASEKETHE

- MTHOBISI SITHOLE

OTHISHANHL­OKO sebelubike kuNgqongqo­she weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, usizi lokuthethi­swa okwezingan­e ezincane, abakhala ngokuthi babhekana nalo uma behambele emasekethe, abathi kwenziwa ngabaqondi­si emahhovisi ezemfundo ezifundeni.

Lokhu kushiwo nguMengame­li weNational Teachers Union (Natu), uMnu Sphosethu Ngcobo, engqungqut­heleni yothishanh­loko abangamalu­ngu abo eqale ngoLwesine yasongwa ngoLwesihl­anu eThekwini. Utshele uNkk Motshekga ukuthi othishanhl­oko abasakwazi ukwenza umsebenzi wabo ngokukhulu­leka ngenxa yokuthethi­swa yizikhulu ezilingana nabo imbala.

“Umnyango wasungulel­wa ukweseka bonke othisha ngokulinga­nayo, kubalwa nezimenenj­a imbala. Kubuhlungu esikubona kwenzeka kothishanh­loko bethe- thiswa okwezingan­e ekubeni nabo beqashwe wumnyango. konke abakudinga­yo ukufukula imfundo kodwa bayakhacwa. Izinto zokusebenz­a azifikanga kwezinye izikole kanti kwezinye zifike emuva kwesikhath­i ebesifanel­e,” kusho uMnu Ngcobo.

Kubuye kwakhalwa ngokumakis­wa kothisha basemaPrim­ary amaphepha kamatikule­tsheni kwezinye izikhungo.

Isikhulu esiphezulu sakwaMalus­i, okuwuhlaka olubhekele­la ukumakwa kwamapheph­a, uDkt Mafu Rakometsi, sithe banayo inkinga yothisha abangamaki ngendlela amaphepha.

Unxuse othishanhl­oko ukuba baziqeqesh­ele othisha babo ngendlela efanele yokumaka ukuze izinga lenyuke.

Othishanhl­oko baphakamis­e nokuthi abafundi banikwe iphuzu uma beshoda ngelilodwa ukuze baphase.

UDkt Rakometsi ukuchithil­e lokho, wathi umfundi kumele athole iphuzu elimfanele.

mthobisis@ilanganew.co. za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa