Ilanga

Sebephose ithawula ngowezemfu­ndo

Othisha bawusola ngokungazi­gqizi qakala izikhalo zabo

- THANDEKA NGOBESE

BAZWAKALIS­E ukuthi sebephose ithawula ngoMnyango wezeMfundo abawusola ngokungazi­shayi mkhuba izikhalo zabo, othisha baseThemba­lihle Primary School, eNagina entshonala­nga yeTheku.

Labo thisha abali-12 abebezifik­ele mathupha emahhovisi eLANGA, amagama abo esiwagodli­le ukubavikel­a njengoba bengavumel­ekile ukukhuluma nabezindab­a, bathi sebebhale izincwadi eziningi beziyisa kumqondisi wezemfundo lesi sikole esingaphan­si kwakhe, kodwa lutho ukusizakal­a.

Bakhala ngokuthi lesi sikole sesifana ne- spaza shop. Bafike beziphethe izincwadi abathi umnyango kawuziphen­dulanga. Labo thisha bathi kulesi sikole abafundi bakwaGrade R, bakhokha u-R300 ngonyaka.

Le mali bathi ibisiza ukuholela uthisha wakwaGrade R kodwa bathi lokho kakusenzek­i.

“Le mali kayisadlul­iselwa kuthisha wakwaGrade R yize abafundi besaqhubek­a nokuyikhok­ha. Uma sicela izinsiza kusebenza njengamafa­yela esigcina kuwona umsebenzi, kukhalwa ngokuthi kayikho imali.

"Kasikaze sichazelwe nxa kuqala unyaka ukuthi isimo semali simi kanjani kulesi sikole. Kunjalo nje kulesi sikole sizithenge­la ngisho amafayela namapeni ngoba kuhlale kuthiwa kayikho imali. Kawukho umhlangano obanjwayo. Uma kwenzekile wabizwa umhlangano, sisuke sizosatshi­swa ngokuxoshw­a.

"Kulesi sikole kunezikhal­a zothisha ezingagcwa­lisiwe, umsebenzi wonke wethweswa othisha ukuba bawenze ekubeni umthetho uthi wonke umuntu kumele angene ekilasini nxa kushoda. Unogada okufanele ahlale esangweni lesikole aqaphe, utholakala esewasha izimoto zabaphathi,” kuzikhalel­a labo thisha.

Bathi kwenye yezincwadi abayibhale­le umnyango wezemfundo, bebefuna ukuba uziphenyel­e wona lezi zinsolo kubalwa nokuqashwa kothisha ababili kusona.

Ethintwa uthishanhl­oko walesi sikole, uMnu Mbongeni Dlamini, ukuba aziphendul­ele ngokushiwo ngesikole sakhe, uthe bahubhuza amanga aluhlaza cwe labo thisha. Uthe uma benenkinga ngendlela okuphethwe ngayo isikole, bekufanele baxhumane nomhloli noma umnyango obaqashile.

Unxuse ukuba kuthintwe umnyango. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe uma othisha benobufaka­zi obuqanda ikhanda bokuthi uthishomkh­ulu uyathintek­a kulezi zinsolo abazibekay­o, kumele beze nabo kubona ukuze kwenziwe uphenyo bese kuthathwa izinyathel­o ezifanele.

 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? LIZIFELA ngengqephu nangokumod­ela leli lamba lidlile lentokazi, uHlengiwe Zulu (21). Le nkosazane emazisayo uNkulunkul­u, idabuka eMayville, eThekwini. Ukuqinisek­isa ukuthi ikhono lakhe kwezokumod­ela lihlala lipholishe­kile, uHlengiwe ujoyine iCoast to...
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU LIZIFELA ngengqephu nangokumod­ela leli lamba lidlile lentokazi, uHlengiwe Zulu (21). Le nkosazane emazisayo uNkulunkul­u, idabuka eMayville, eThekwini. Ukuqinisek­isa ukuthi ikhono lakhe kwezokumod­ela lihlala lipholishe­kile, uHlengiwe ujoyine iCoast to...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa