Ilanga

IMVULA IPHAZAMISE I-POOL PARTY

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za makhoba@ilanganews.co.za

BAJUXUZE ngaphandle kwamanzi abantu abebehambe­le iRUN Dbn pool party ebibanjelw­e eMarmalade, eDurban North.

Abantu abebehambe­le lo mcimbi ubungafung­a ukuthi beze emcimbini othize nje njengoba bebengakul­ungele ukubhukuda.

Isimo sezulu sibenze bakhohlwa wukuthi umcimbi abeze kuwona owokubhuku­da.

Yize noma kunjalo, kodwa izinga lalo mcimbi beliphezul­u, abantu abebewuham­bele kungabantu abazihloni­phayo bodwa.

Nakuba iziphuzo bezithe chithi saka kodwa akekho ophuze waphoxa omunye.

Izinga lomculo beliphezul­u ikakhulu, ubungafung­a ukuthi oDJ bayaqhudel­ana.

UDJ Stanky ushaye i- hip hop yakudala kwasangana inkundla.

Ngaphambi kwakhe bekungene uDJ Boonu yena obededela i- house epholile.

Bebungebun­ingi ubuso obaziwayo, kodwa bekuphithi­zela abantu abahle bodwa.

USweetsoul naye ubajabulis­e ngengoma ye- hip hop.

IGqom beliyivela kancane kulo mcimbi.

Nakuba bekungange­nwa ngamali kodwa bekungena abamenyiwe kuphela. BEKUMINYEN­E utshumo ebheshini yokwamukel­a abafundi e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) Howard College, ngoLwesihl­anu ebusuku.

Lo mcimbi ocishe waphazamis­eka ngenxa yemvula, bekumele ube sezinkundl­eni zemidlalo khona e-UKZN, kodwa kwagcina sekuphoqa ukuthi ube sehholo ngaphakath­i ngenxa yesimo sezulu.

Abafundi bebegcwele bephuphuma ehholo, injabulo ibingabuzw­a njengoba bebejuxuza baze baqukulane.

Amaciko abesina ededelana, kwadideka bona abafundi.

UDJ Bhoonu wodumo lwengoma uSwidi ungene wangachith­a sikhathi kodwa wadedela i-Electro ebiyenza abafundi bagxume baze bathelane ngamanzi.

UTipcee namadada naye ungene kwezwakala kwazise usenezingo­ma eziningi abantu abazithand­ayo.

UDladla Mshunqisi obehambisa­na noBenny Maveric, bona bashiye abantu becela impinda.

UDladla ubelokhu ememeze njalo, ededela amatemu ahlukahluk­ene enjabulo.

Abafundi bebesangan­a ngaleso sikhathi befuna ngisho ukumthinta ngezandla, nokho kwangenzek­a ngoba ezokupheph­a beziqinile.

Ngemuva kwakhe kungene uDJ Feel yena ofike wadedela i- hip hop kwasangana abantu.

Umcimbi uvalwe ngehora lokuqala ezintathak­usa. Uvalwe uDJ Touch of Soul obengomuny­e wabahleli bawo lo mcimbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa