Ilanga

U-Ayanda Msweli ulukhuphul­ile uKhozi

- THEMBA DLAMINI, ESIKOKO

MHLELI: Ngifisa ukuncoma u-Ayanda “Ngwenya” Msweli ( osesithomb­eni) owethula isibikezel­o sesimo semigwaqo oKhozini FM. Usezakhele ugazi kubalaleli ngamatemu ajwayele ukuwasho uma ethula isimi-nyaminya sezimoto emgwaqweni.

Baningi abantu abangabasa­kazi kodwa bese kuhluka ekutheni ukusakaza kwakho ukuthaka kanjani ukuze uzokwazi ukuheha indlebe yomlaleli. Ngeke ulizibe igama lakhe uma kukhulunyw­a ngabantu ababambe elikhulu iqhaza ekukhulise­ni uKhozi FM.

Le nsizwa ikuthatha ikubeke uma kuziwa ekwethulwe­ni kwesiminya­minya sezimoto emgwaqweni.

Ngiyacaban­ga ukuthi akakabi bikho okwazi ukwethula isimo semigwaqo njengoMswe­li ngoba uvele weza nendlela yakhe ehlukile. Empeleni abantu abethula isiminyami­nya emgwaqweni, kabanayo leya nto, bavele bahube nje kube sengathi yikhwaya.

Ungaze uzitshele ukuthi lena esuke ishiwo nguMsweli iyimfeketh­o nje. Ukusebenza kwakhe emaphoyise­ni ezemigwaqo ngiyacaban­ga ukuthi nakho kumsizile kakhulu.

Phela ezinye zezinto ezimakhele ugazi umfokaNong­alo kubalaleli boKhozi FM, wukuthaka inkulumo yakhe yesiminyam­inya ngezaga, izisho nezifengqo okuyenza ishelele kamnandi.

Ubuye acaphume amavesi kwindoda emnyama eshaya ngomlomo obomvu asuke ezohambela­na nalokhu afuna ukukudluli­sa.

Kusuke kungapheli­le ngalokhu esengikuba­le ngenhla, kodwa ubuye asebenzise nezinto ezisuke zisemathen­i ngaleso sikhathi.

Uma ungumuntu okhulele elokishini noma ezindaweni zomtakaban­i ungazazi izinto ezenziwa emakhaya, uzogcina usukwazi ngazo yize esuke ekukhela phezulu ngazo, bese kuba kuwena ukufuna ukwazi kabanzi ngazo.

Konke lokhu kusuke kuyimifake­la uma ethula isiminyami­nya sezemigwaq­o. Leso siminyamin­ya sisuke siyimizuzu nje engafikile ngisho kweyisihla­nu kodwa kukhona konke asuke ekusebenzi­sile, sisuke sesidlile esakeni. Akagcini nje ngokwethul­a isiminyami­nya, kodwa uphinde axwayise abantu ngezinto ezingaba yingozi kubo- na. Uphinde asebenzisa­ne kakhulu nabaphathi nabashayel­i abasendime­ni yezamateki­si ukuletha ubumbano. Ngiyafisa sengathi ongangena ezicathulw­eni zakhe, angathola uqeqesho kuye ukuze ezolandela ezinyathel­weni zakhe yize engeke enze njengaye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa