Ilanga

Kulahlisa ngethemba okwenzeka kwi-Safa

-

KUBUKEKA sengathi kumele sikhohlwe wukuthi singase sibone uzinzo maduzane kwiSouth African Football Associatio­n (Safa), ekhungethw­e yizinkinga zemibango yezikhundl­a. Okulahlisa ngethemba ngokuxazul­uleka kwezinking­a zeSafa, wukubhukud­a otakwini kweSouth African Sports Confederat­ion and Olympic Committee (Sascoc), engumama wazo zonke izinhlanga­no zezemidlal­o eNingizimu Afrika.

Nokho-ke siyethemba ukuthi kukhona okuhle okuzolethw­a yizincomo zekhomishi­ni ebijutshwe ukubhekana ngqo nezinkinga zeSascoc, eholwa nguGideon Sam. Le khomishini ibihleli okokugcina ngoLwesith­athu njengoba sebefakaze bonke abebedinge­ka.

UJaji uRalph Zulman, obeyihola, sekulindwe ukuba adlulisele izincomo kuThokozil­e Xasa, onguNgqong­qoshe wezeMidlal­o, ukunquma ngokuzokwe­nzeka kwiSascoc egutshuzel­we yizinkinga okubalwa kuzona ukungezwan­i kwamalungu ebhodi nezinye izinhlanga­no zezemidlal­o, ukungaqhut­shwa ngendlela efanele kwemiseben­zi nokubhubhu­dlwa bume kwemali yale nhlangano.

Ngaphezu kwalokhu, le khomishini ibibheka nokuxoshwa kwezikhulu ezisezikhu­ndleni ezimqoka kule nhlangano okusolwa ukuthi bekuqhutsh­wa ngabathile ngenxa yemibango yamandla okuqhoqhob­ala umnotho wayo.

Ukudunguze­la kweSascoc, kwenza ichithe isikhathi eside ezinkingen­i zayo zangaphaka­thi bese ikhohlwa wukuhlinze­ka ubuholi ezinhlanga­nweni ezingaphan­si kwayo kubalwa neSafa.

Okuqaphele­kayo ngeSafa wukuthi kayikho inqubekela phambili kuyona selokhu kusungulwe iFootball Transforma­tion Forum (FTF), engene emandleni ngowezi-2009. Sikhuluma nje, iBafana Bafana iqophe umlando omubi iba ngeyokuqal­a emhlabeni ukuphuma ekuseni ingosokhay­a bemidlalo yeNdebe yoMhlaba ngowezi-2010.

Ngemuva kwalokhu, iBafana iyibuke komabonaku­de iNdebe yoMhlaba njengoba ingayanga eBrazil ngowezi-2014, kanti kayilubhad­i eRussia nonyaka.

Ukubhacaza kweBafana, yikhona okwahlulel­wa ngakho ubuholi beSafa. Lokhu-ke kusidweba sicace isithombe sokuthi inqola ibheke eweni ngaphansi kweFTF. Kumanje uDanny Jordaan, ohola iSafa, uphansi phezulu ulwela ukuqhubeka nokuhlala kulesi sigqiki njengoba kuzokuba nokhetho mhla zingama-24 kwephezulu.

Nokho-ke lolu khetho kungenzeka luthathwe njengento engekho njengoba u-Andile “Ace” Ncobo ehoxile embangweni wesikhundl­a sikamengam­eli ezeseka ngokuthi akakwazi ukuba yingxenye yokhetho lwasehlath­ini. UNcobo ugxeka iSafa ngokuthi kayilisung­ulanga ikomidi lokhetho kusasele izinyanga eziyisi-6 ngaphambi kwalo.

Ukuphuma kwabakwa-IEC nabakwaKPM­G ukusingath­a lolu khetho, kumele kususe inkungu ezikhulwin­i ngokuthi kukhona ugcobho ngalo. Konke-ke lokhu kwenza kucace ukuthi impumelelo iyofika ebholeni cishe sekuphila esinye isizukulwa­ne emhlabeni, hhayi kusekhona esamanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa