INSELLO EBHEKENE NENTSHA YAKULELI
MHLELI: Ngicela ukukhuluma nabaholi bezinhlangano zabantu abasha, ngiqondise kubo ngqo. Bengicela ngesikhathi bematasa nemikhankaso yabo yezikhundla, bake bazinike ithutshana nje lokubhekana nalezi zinto ezilandelayo:
Ukuhlukumezeka kwezingane zesikole emibangweni yomalume behlushwa ngosomatekisi. Okubuhlungu yizingane zabamnyama kuphela ezigcina ziphuthwa yithuba lokufunda minyaka yonke ngenxa yobugovu.
Ukugcwala kwentsha ephithizela emadolobheni ngesikhathi sokufunda, ihuqana nezidakamizwa.
Ukuxoshwa kwezingane ezikoleni ngoba zingenazo izitifiketi zokuzalwa noma omazisi (lezo esezenza umatikuletsheni) ngoba abazali bazo bengenabo bona, noma ngoba abazali bebuya kwamanye amazwe noma ngoba kuthiwa “awubuyi ePretoria”.
Ukugcwala kwentsha esasezingeni lokuba sezikoleni abanye befake imifaniswano, begcwele kolayini bakoHome Affairs, lapho besuke bebambe olayini abade okuvukwa kubo ngo-4 ekuseni.
Nanamuhla zisekhona izikole ezingenawo amathangi namanzi ahlanzekile. Lokhu kwenza ukuthi njalo uma kuphela amanzi kompompi ezikoleni, izingane ezimnyama zikhishwe zibuyele emakhaya.
Ezinye zezingane zihamba ezikhotheni, emahlathini, zeqe imifudlana. Ezinye ziziwelela imigwaqo zisencane, eminye yayo kungabe ifakwa izivimbajubane ( humps) ngoba izimoto kuyo ziyagijima.
Kungani ingakhulumi neziphathimandla komasipala, umnyango wezemfundo, nowezokuthutha neminye ethintekayo ukuze kulungiswe lezi zimo?
Izingane kwezinye zezikole zisabhaxabulwa ngezinswazi namapayipi afihlwa emuva kwezicabha, kwezinye afakwa emakhadibhodini.
Niyazi ukuthi kuyenzeka lokhu kodwa kanenzi lutho.
Kungani inganxenxi ukuthi umuntu osafunda isikole ehliselwe imali yokugibela noma ngo-R2 kwekhokhwa ngumuntu omdala?
Kwezinye izikole izingane zidla isobho lodwa ngoba ukudla kuntsho- ntshwa ngabaphekayo nothisha. Nithule nithini?
Kungabe niyaqikelela nje ukuthi intsha emiphakathini inazo izinto zokudlala okubalwa izinkundla, amajezi namabhola ukuze ingabi wuvanzi?
Kungabe ninayo nje imikhankaso onhloso yayo kuwukusondela entsheni esingenwe yidimoni lezidakamizwa noma niyayinyundela nihlekise ngayo?
Kokuningi lapha ngiyazi uma ningakwethula kuNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwane anganinika ithuba anilekelele, nisize intsha yakithi ikwazi ukuzilekelela. Angisiyo imbongi yakhe kepha ungomunye wongqongqoshe engingamncoma ngokukhuthala uma esetsheliwe ngezinkinga.
Lezi zinto ezingenhla baholi bezwe bakusasa, ngizibhekise kinina nonke hhayi ngokobunhlangano.
Siyabancoma labo abasabonakala besukuma bema ngazo zombili uma kunenkinga ebhekene nentsha yakithi ehlwempu n engena mkhulu me l i.