Ilanga

INSELLO EBHEKENE NENTSHA YAKULELI

- THABISO ZULU, EMAYVILLE

MHLELI: Ngicela ukukhuluma nabaholi bezinhlang­ano zabantu abasha, ngiqondise kubo ngqo. Bengicela ngesikhath­i bematasa nemikhanka­so yabo yezikhundl­a, bake bazinike ithutshana nje lokubhekan­a nalezi zinto ezilandela­yo:

Ukuhlukume­zeka kwezingane zesikole emibangwen­i yomalume behlushwa ngosomatek­isi. Okubuhlung­u yizingane zabamnyama kuphela ezigcina ziphuthwa yithuba lokufunda minyaka yonke ngenxa yobugovu.

Ukugcwala kwentsha ephithizel­a emadolobhe­ni ngesikhath­i sokufunda, ihuqana nezidakami­zwa.

Ukuxoshwa kwezingane ezikoleni ngoba zingenazo izitifiket­i zokuzalwa noma omazisi (lezo esezenza umatikulet­sheni) ngoba abazali bazo bengenabo bona, noma ngoba abazali bebuya kwamanye amazwe noma ngoba kuthiwa “awubuyi ePretoria”.

Ukugcwala kwentsha esasezinge­ni lokuba sezikoleni abanye befake imifaniswa­no, begcwele kolayini bakoHome Affairs, lapho besuke bebambe olayini abade okuvukwa kubo ngo-4 ekuseni.

Nanamuhla zisekhona izikole ezingenawo amathangi namanzi ahlanzekil­e. Lokhu kwenza ukuthi njalo uma kuphela amanzi kompompi ezikoleni, izingane ezimnyama zikhishwe zibuyele emakhaya.

Ezinye zezingane zihamba ezikhothen­i, emahlathin­i, zeqe imifudlana. Ezinye ziziwelela imigwaqo zisencane, eminye yayo kungabe ifakwa izivimbaju­bane ( humps) ngoba izimoto kuyo ziyagijima.

Kungani ingakhulum­i neziphathi­mandla komasipala, umnyango wezemfundo, nowezokuth­utha neminye ethintekay­o ukuze kulungiswe lezi zimo?

Izingane kwezinye zezikole zisabhaxab­ulwa ngezinswaz­i namapayipi afihlwa emuva kwezicabha, kwezinye afakwa emakhadibh­odini.

Niyazi ukuthi kuyenzeka lokhu kodwa kanenzi lutho.

Kungani inganxenxi ukuthi umuntu osafunda isikole ehliselwe imali yokugibela noma ngo-R2 kwekhokhwa ngumuntu omdala?

Kwezinye izikole izingane zidla isobho lodwa ngoba ukudla kuntsho- ntshwa ngabapheka­yo nothisha. Nithule nithini?

Kungabe niyaqikele­la nje ukuthi intsha emiphakath­ini inazo izinto zokudlala okubalwa izinkundla, amajezi namabhola ukuze ingabi wuvanzi?

Kungabe ninayo nje imikhankas­o onhloso yayo kuwukusond­ela entsheni esingenwe yidimoni lezidakami­zwa noma niyayinyun­dela nihlekise ngayo?

Kokuningi lapha ngiyazi uma ningakweth­ula kuNgqongqo­she wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMthandeni Dlungwane anganinika ithuba anilekelel­e, nisize intsha yakithi ikwazi ukuzilekel­ela. Angisiyo imbongi yakhe kepha ungomunye wongqongqo­she engingamnc­oma ngokukhuth­ala uma esetsheliw­e ngezinking­a.

Lezi zinto ezingenhla baholi bezwe bakusasa, ngizibheki­se kinina nonke hhayi ngokobunhl­angano.

Siyabancom­a labo abasabonak­ala besukuma bema ngazo zombili uma kunenkinga ebhekene nentsha yakithi ehlwempu n engena mkhulu me l i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa