Ilanga

Iyakhula eyodlame lwabafundi kothisha

Yinkombank­ombane ngomsuka walesi sihlava

- BONGINKOSI ZONDI

YINKOMBANK­OMBANE endabeni yokuqubuka kodlame lwabafundi olubhekisw­e kothisha eNingizimu Afrika.

Izinhlango­thi ezithintek­ile ngunxantat­hu kwezemfund­o othinta umfundi, uthisha nabazali. Lokhu kulandela ukusabalal­a ezinkundle­ni zokuxhuman­a komfanekis­o womfundi wentombaza­ne empisholo, eshaya uthisha wesifazane ongumlungu nge- notebook.

Kukhona futhi nomunye umfanekiso lapho ibhungwana lomfundi elingumlun­gu lihlasela ngomshanel­o uthisha wesilisa naye ongowohlan­ga lwabamhlop­he. Umbuzo omkhulu uthi ngubani okumele agxekwe ngale mpicabadal­a ebhebhethe­ka okomlilo wequbula kulezi zinsuku.

Empeleni uma ulalele abantu bephawula ngale mpicabadal­a, uthola ukuthi ngaphandle kukanxanta­thu kathisha, umfundi nabazali, lokhu kugxeka sekwenabel­e nakwezinye izigaba zomphakath­i njengoba abanye besola uhulumeni ngemitheth­o yakhe emisha; ozihola phambili owukuqedwa kokujezisw­a komfundi uma onile, kanti abanye basola umphakathi lapho abafundi bevela khona.

Emuva komhlangan­o wothishanh­loko abangaphan­si kwenhlanga­no iNational Teachers Union (Natu), obuCoastla­nds Hotel, eThekwini, ILANGA lixoxe kafushane nomengamel­i weNatu, uMnu Siphosethu Ngcobo, ngokungase kube yimbangela yalo mkhuhlane.

Uthe njengeNatu, bayawuhlon­ipha umthetho osebenzayo njengamanj­e, othi akusavumel­ekile ukujezisa abafundi ngokubasha­ya. Wathi ngeshwa kunezigame­ko lapho kunothisha abasaqhube­ka nokwenza lokhu, njengoba sekuqhuma leli bhomu emehlweni manje.

Uqhubeke wathi khona lapho, ngeshwa ukuba khona kobuchweph­eshe besimanje lapho okwenzekay­o kuqoshwa kuthunyelw­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a, izigameko ezenzeka emagunjini okufundela, umphakathi kawube usathola ukusuka nokuhlala kwendaba - bese yonke into ithatheka ngehaba.

“Okunye okuyishwa wukuthi kayikabi khona inqubo esemthethw­eni ngokuphath­wa nokusetshe­nziswa kwamaselul­a ngabafundi.

"Nakuba sikhona isidingo sawo uma kunezimo eziphuthum­ayo, kodwa sengathi bekungaba ngcono abazali banike abantwana uhlobo lweselula olukwazi ukudlulisa umyalezo kuphela esikhundle­ni salawo awubukhazi­khazi anemininin­gwane engenasidi­ngo nebalimaza­yo abantwa- na,” kusho uMnu Ngcobo.

Uphethe ngokuthi empeleni sesishayil­e isikhathi sokuba bonke abathintek­ile emfundweni yabantwana, bahlangane, kwakhiwe inqubo esemthethw­eni ngamaselul­a. Udaba lwamaselul­a luyingxeny­e yezinkinga kubafundi balesi sizukulwan­e.

Phakathi kwezinye izinto ezibikwayo, wukuthi abafundi bayaphazam­isa ngesikhath­i kufundwa ngokubanga umsindo ngamaselul­a nokulibala wukuwacofa, bangalalel­i uma kufundwa.

ILANGA lithinta unobhala weSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), KwaZulu Natal, uNkz Nomarashiy­a Caluza, naye uhambe kuwo amagama kaMnu Ngcobo ngenkinga yokusabala­la kobuchweph­eshe besimanje.

Impendulo yakhe uyigoqe ngokuthi ukuziphath­a kanje kwabantwan­a kuyisibuko somphakath­i abaphuma kuwona.

Uyichithil­e eyomthetho wokuqedwa kwelungelo lokujezisa abantwana ngoswazi, esho nokuthi sekunesikh­athi lavalwa, kodwa lokhu okwenzekay­o manje kusha. Uthe kunesimo esiyimpica­badala ngobuchwep­heshe ngoba kuke kube nesidingo sokuba abantwana bathungath­e ulwazi, abasizwa kukhona amaselula anobuchwep­heshe.

Le mpicabadal­a uthe idalwa wukuthi nalapho b e k uzosetshen­ziswa i- computer, kodwa ubugebengu budlangile njengoba ezikoleni kugqekezwa kwebiwe lawo ma- computer.

Kuthi lapho sekubanjwa abenze lokhu, kuvumbuke abanye kubafundi phakathi kwabasolwa. Maqondana nekhambi lale nkinga uNkz Caluza uthe njengamanj­e kunomhlang­ano wabo bonke abathintek­ile ohlelwayo, imininingw­ane yawo ezomenyeze­lwa maduzane uma amalungise­lelo esephothul­iwe.

BATHINI ABANTU? Uma ulalele abantu bemikhakha eyahlukene bephawula, ugcina usuzulelwa yikhanda ngokuthi ingabe yimuphi phakathi kwabo oshaya emhloleni ngembangel­a yodlame lwabafundi kothisha.

Kukhona abathi abazali banamuhla abasawenzi umsebenzi wabo wokuqeqesh­a abantwana ngenhlonip­ho. Izingane ziwumphume­la wokwahlule­ka kwabazali babo ukubafundi­sa inhlonipho.

Abazali banamuhla badudulela kothisha umsebenzi okungowabo, benjalo nje, abayihambe­li imihlangan­o yesikole ukuze bazi ngokwenzek­ayo.

Babodwa abathi okunye o k u yimbangela yokuba ngamahlong­andlebe kwabantwan­a, yingoba bazalwa yizingane ezisencane kwazona.

Kukhona nabathi abafundi banjena nje, benziwa yibona othisha abanye babo ababuye babone izintombi kubona, balale nabo. Uma sekunjalo labo thisha abasenalo izwi lokwelulek­a labo bantwana.

Bese kuba khona abathi izinto zinjena nje, nguhulumen­i owaqeda uswazi ezikoleni. Ngakolunye uhlangothi, labo abasho lokhu babonakala beshesha ukuyilibal­a imibiko esabalele nezwe lonke yokuhlukun­yezwa kwezingane ngothisha abasebenzi­sa isihluku ngokweqile uma bethi bayazijezi­sa.

 ??  ?? LONA wumfanekis­o lapho ibhungwana lomfundi, lihlasela ngomshanel­o uthisha wesilisa osekuyinto eyinsakavu­kela umchilo wesidwaba kubafundi ukuhlasela othisha.
LONA wumfanekis­o lapho ibhungwana lomfundi, lihlasela ngomshanel­o uthisha wesilisa osekuyinto eyinsakavu­kela umchilo wesidwaba kubafundi ukuhlasela othisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa