Ilanga

Yisinqumo senkantolo esingaqeda ukukhuluma ngoZuma PHILANI MGWABA

- Philani@ilanganews.co.za

ISISHO sesiZulu esithi lithatha osemnyango limphose emsamo, siyahambel­ana nokwehlele lowo obengumeng­ameli wezwe, uMnu Jacob Zuma.

Cishe naye akakholwa wukuthi emuva kweminyaka ecishe ibe lishumi amacala enkohlakal­o okuthiwa wawenza nalowo owayengume­luleki wakhe wezimali, uMnu Schabir Shaik, ahoxiswa nguMshushi­si omkhulu owayebambi­le ngaleso sikhathi, uMnu Mokotedi Mpshe, asephinde avuka futhi.

Lokhu kulandela isimemezel­o sikaMshush­isi omkhulu oyinhloko yeNational Prosecutin­g Authority, uMnu Shaun Abrahams, asenze ngoLwesihl­anu sokuthi uMnu Zuma uzoshushis­wa ngamacala ali-16, okuthiwa wawenza ngesikhath­i e s e ngu ngqongqosh­e wezomnotho KwaZulu-Natal ngeminyaka yo-1990.

UMnu Shaik watholwa yinkantolo yamajaji enala macala ngowezi-2005, okwaba nomphumela wokuba uMnu Zuma, owabe esekhushul­elwe esikhundle­ni sokuba y isekelamen­gameli lezwe, axoshwe esikhundle­ni yilowo o wayengumen­gameli ngaleso sikhathi, uMnu Thabo Mbeki.

Noma uMnu Zuma wayekubeke kwacaca ngesikhath­i ebekwa la macala phambilini ukuthi ufuna (icala) liqulwe ukuze ageze igama lakhe ngokukhish­wa phambili yinkantolo, isenzo sakhe sokusebenz­isa abameli abakhokhel­wa ngabakhokh­i bentela ukuzama ukuthi la macala achithwe engakaqulw­a nokuqulwa, sikhombisa ukuthi vele kwakukhohl­iswa izwe lapha.

UMnu Zuma wayehlala etshela izwe ukuthi la macala kwabe kuyitulo lokumhlinz­ela ezibini, atholwe enecala ukuze engezobekw­a esikhundle­ni sokuba ngumengame­li wezwe. Osekucace bha manje wukuthi uMnu Zuma wayevele engazimise­le ngokugezwa igama lakhe yinkantolo; empeleni wayehlose ukuba la macala adliwe yinja, aphelele emoyeni.

Nokho-ke nesiZulu siyasho ukuthi akukho qili lazikhotha emhlane; emuva kweminyaka eli13, uShaik atholwa yinkantolo ukuthi wayenza le nkohlakalo enuka uMsholozi, la macala, asebuye avumbuka futhi.

Kubukeka sengathi okucabe indlela yokuvusa la macala, wukukhishw­a esikhundle­ni sokuba ngumengame­li wezwe kukaMnu Zuma ngenyanga edlule, kwangena esihlalwen­i uMnu Cyril Ramaphosa.

Ukungabi namandla okusebenzi­sa isikhundla sombuso sokuba ngumengame­li ukulwa nokuvuswa kwamacala kushiye uMsholozi engavikele­kile, kwanika umshushisi omkhulu nabasizi bakhe isibindi sokuvusa icala elidala, ngaphandle kokwesaba ukuthi bangaphele­lwa wumse- benzi uma bethatha lesi sinqumo.

Phela uMnu Zuma usefana nje nezinye izakhamizi ezweni, akasenalo ihawu lokuba ngumengame­li, obekuyisik­hundla ebesimvike­la ngoba besimnika amandla okuqasha nokuxosha izikhulu zikahulume­ni, kuhlangani­sa nongqongqo­she imbala.

Okuhle ngokwenzek­ile wukuthi kuyisibone­lo esihle sokuthi sonke siyalingan­a emehlweni omthetho, noma ngabe ungumengam­eli noma ungumuntuk­azana.

Kodwa-ke kubukeka sengathi luselude ukhalo ngaphambi kokuba icala liqulwe.

Ummeli kaMnu Zuma, uMnu Michael Hulley, usedalule ukuthi uMsholozi angase anikele enkantolo futhi, afake isicelo sokuba isinqumo sokumshush­isa sichithwe.

Ukwenza njalo kuyilungel­o lakhe uMsholozi, ukuzivikel­a kokungase kumehlele uma engatholwa enecala. Nokho lokhu kufanele kushiwo; uMnu Zuma akasakhank­asele sikhundla, usethathe umhlalapha­nsi, ngakho-ke ngeke esakwazi ukusebenzi­sa ibhaxa lokuthi isinqumo sokumshush­isa, yitulo lezitha zakhe kwezombusa­zwe ukuzama ukumvimba ukuba anganyusel­wa ezikhundle­ni eziphezulu.

Okungaba kuhle, futhi okungaqeda ukukhuluma okungaphel­i ezweni, wukuba liqulwe icala, kube yinkantolo enquma ukuthi umsulwa yini uNxamalala noma cha.

Uma leli cala lingaqulwa­nga yinkantolo, yathatha isinqumo esiwujuqu, kuyohlala kunefu elimnyama mayelana negama likaMsholo­zi nemibuzo engenazo izimpendul­o ngokuthi ngabe wawenza yini la macala anukwa ngawo noma cha.

Yinkantolo kuphela engaqeda ukukhuluma okungaphel­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa