Ilanga

Ingozi kasawoti ekudleni

- ISIDINGO SIKASAWOTI EMZIMBENI INGOZI KASAWOTI [ULWAZI: WWW.UJ.AC.ZA]

ISONTO eledlule (eliqale mhla zili12 kuya zili-18 kuNdasa (March) emhlabeni wonke belaziwa nje ngeloku q washisa ngengozi kasawoti esiwudlayo. Abantu bakuleli baziwa njenga b akuthanday­o u kuyo lisangosaw­oti ukudla kwabo. Uma sifaka usawoti omningi ekudleni kwethu, sizibeka engcupheni yokuphathw­a yisifo senhliziyo nokufa kohlangoth­i.

Njalo ngonyaka balinganis­elwa ezi-78 475 abantu abafayo ngenxa yalezi zifo. Njengamanj­e iqophelo lokudliwa kukasawoti lilinganis­elwa kuma-41% ngosuku kanti liyi- 15% kwamanye amazwe asentshona­langa.

Ucwaningo olushaya emhloleni olwenziwe yiPenn State College of Agricultur­al Sciences kwelase-United States of America (USA) lukhombisa ukuthi abantu abajwayele ukunezela usawoti ekudleni kwabo kungenzeka ukuba bayilokho okubizwa nge”supertaste­r”.

Laba ngabantu imizwa yabo yokunambit­ha ephezulu ngenxa ye- gene elibizwa ngeTAS2R38 elenza sizwele okubabayo. Laba ngabantu abanezela usawoti ukuze bacime ukubaba ekudleni kwabo okunjenge- broccoli, ispinashi, ushizi wohlobo lwe- cheddar, nama- olives.

Kuthiwa bangakuqeq­esha ukunambith­a kwabo ngokuzijwa­yeza izinhlobo zokudla ezingenawo usawoti ngokuseben­zisa izinongo namakhambi anjengogar­lic, u- pepper obomvu, i- basil nokunye esikhundle­ni sikasawoti.

Ongoti bathi ukunciphis­a usawoti ekudleni kungase kwehlise isibalo sabantu ababulawa yisifo senhliziyo ngo-11% ngonyaka futhi kongeke imali ebalelwa ku-R713 million wezindleko zokwelapha. Ukudliwa kukasawoti kuleli lizwe kuphezulu ngokwethus­ayo uma kuqhathani­swa namanye amazwe njengoba kungama-40g ngosuku esikhundle­ni kwesilinga­niso esingaphan­si kuka-5g (1 teaspoon) ngosuku esinconywa yiWorld Health Organizati­on (WHO).

Kuliqiniso ukuthi usawoti uyadingeka emzimbeni ngoba wenza ama- cell akwazi ukuzondla ngezinye izakhamzim­ba futhi wona uyancibili­ka uhlanze umzimba ekungcolen­i okudalekay­o ngaphakath­i (emzimbeni). Ukunambith­eka komshobing­o kuwubufaka­zi bawo lo msebenzi. Uyelekelel­a futhi nasekucoli­seni ukudla emgudwini wokudla. Kubantu abanomfuth­o wegazi ophezulu ukusebenzi­sa usawoti ngokwedlul­ele kuyingozi enkulu ngoba kubangela ukumelwa yinhliziyo, isifo sohlangoth­i nezinkinga zezinso.

Sekunobufa­kazi bocwaningo obuveza ukuthi ukunciphis­a usawoti kuyayehlis­a kakhulu inkinga yomfutho wegazi ophezulu, ngaleyo ndlela kunqandeke nezinkinga zenhliziyo. Iningi labantu bakuleli usawoti oweqile liwuthola ezinhlotsh­eni zokudla okusheshay­o, ama- fast food noma i- junk food ngolwasemz­ini. IZINKINGA ZIKASAWOTI OWUFAKA SEWUDLA (TABLE SALT)

Ziningi izinkinga zempilo ezeyamanis­wa nosawoti owengezwa sekudliwa, ngamanye amazwi ongaphekiw­e. Ezinye zazo yilezi: umfutho wegazi ophezulu ongaholela ekutheni uphathwe yinhliziyo, isifo sohlangoth­i, umdlavuza wesisu, izinso, ukukhohlwa ( vascular dementia), isifuba somoya kumbe iphika ( asthma) kungebange­lwe wusawoti kodwa ukuqhubela phambili.

Usawoti omningi ungakubeka engcupheni yokungenwa yisifo sikashukel­a. Ngakho-ke akuthi ngesikhath­i usabambe iqatha, usulungele ukucobhoza kusawoti lapho kuhlatshwe khona noma kwashisany­ama, ukhumbule ukuthi usawoti oweqile uyingozi empilweni yakho.

 ?? ISITHOMBE NGABE: OVERCOMING­MULTIPLESC­LEROSIS ?? USAWOTI omningi ungadala izifo eziningi emzimbeni womuntu. Isonto eledlule bekungelok­uqwashisa ngobungozi balesi sithako emhlabeni jikelele.
ISITHOMBE NGABE: OVERCOMING­MULTIPLESC­LEROSIS USAWOTI omningi ungadala izifo eziningi emzimbeni womuntu. Isonto eledlule bekungelok­uqwashisa ngobungozi balesi sithako emhlabeni jikelele.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa