BAZE BALINYUKUBALISA ISABATHA LAMI ABANTU BAKWAMASIPALA!
HHEYI umnyango kagesi kuMasipala weTheku walinyukubalisa iSabatha lami - ningizwe kahle bazalwane - hhayi uMgqibelo wami, iSabatha lami. Uthumele i- achenician uthi yi- technician, ukuba iyolungisa ugesi kamakhelwane wami engingazi noma ubuphethwe yilisteriosis yini, yafika yalungisa okamakhelwane, yacisha owakwami.
Ngifone kwamasipala kwaze kwabuya uJona eNtalashishi, ngilokhu ngithenjis wa ukuthiba yeza abantu abazowulungisa. Kunento kazi ebivuna le achenician, ethe ma nginga h l awu m b ise l i ukuthi yiyona ecishe kwami - bekufanele ngiqambe amanga ngithi ucishwe nguSathane, ngidlale ngengane yabantu ngoba ingakwazi ukuziphendulela?
Ngendlela nje ebikhuluma ngayo le ntokazi, ubungafunga ukuthi le achenician ingumfowabo omncane wesoka layo noma iyidlozi layo elayitholela umsebenzi. Ngilale ngidle uMoya Ongcwele... Amen bazalwane! Ngigeze ngamanzi abandayo njengethwasa ligeza ngegobongo... vumani bo!
Nokho intokazi engikhulume nayo izolo ngeSonto ekuseni, ingiphathe kahle njenge- handbag elayishe iziphaqu- li ezibizayo. We mama miya... I mean mama Meya Zandile Gumede, uma isiswebhu sakho sokukhuthaza amavila nokuqondisa imikhufefe e- incompetent kulo masipala wakho sidinga amafutha ukuze siqhume, usho sikuchathazele.
I- incompetence yezisebenzi zikahulumeni yiyona le edala ukuba abantu babhikishe baze bacekele phansi impahla, okuyinto esiyihlaba kakhulu-ke ngoba leyo mpahla isuke yakhelwe wona belu umphakathi.
Ngiyezwa nje abantu bejabula baze bayoshaya kwi- roof yesibhakabhaka uma laba baholi babo ephalamende bekhuluma isiNgisi esikhulu esidide uNgqongqoshe wezaseKhaya wase-Australia, uPeter Dutton - o- land expropriation without compensation - ngithi-ke jabulani nijike emuva kwendlu, ningalinge nijabule nize niyophuma ngesango.
Osopolitiki kakumakati akufuywa, bayonijikela eziswini njengembiri eyazibonelwa ngumzala wami, uZakhele, sihambise izibizo oNgoye ngowe-1993. Okubi kakhulu wukuthi labo sopolitiki benu-ke bavele baqashe lezi zihlobo zabo, abangani nale genge engo- yes baba, okuthiwa: “Lalela ndoda, kule thenda esikunika yona u-10% owethu, intela izobhekana nawe, asingeni lapho thina.”
Yizo lezi ezingawazi umsebenzi wazo futhi ezingawuhloniphi. Njengoba labo sopolitiki bekhuluma eyokuhlwitha umhlaba ngaphandle kwenkokhelo, uyozwa sekuthiwa izihlobo zabo sezishaya ngamapulazi nga-7, nina bantukazana nisale nibakaza sengathi yintulo ishaywa yi- paranoia.
Abantu kumele bazi ukuthi uhulumeni yi- casino yosopolitiki, kuwina ingcosana - yeqembu elibusayo nobhululu bayo - nina-ke bantukazana enigembula ngamavoti enu nithola imvuthu, okuyimisebenzi yogobiqolo.
Mama meya, ukuba nginemali, bengizofuna lo mmeli onezinwele sengathi ngama- dreadlock wanna-be, umfo kaNgcukaitobi, ngibophe abantu kulo masipala wakho, balonile usuku lwami, ngicishe ngabolelwa yincoso yami eflijini.
Cha, kangifune mali, ngifuna iSabatha lami njengoba bengilihlelile lo mfokazi othunywe ukuyolungisa ugesi kwamakhelwane wami engakawucishi owakwami. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!