Ilanga

BAZE BALINYUKUB­ALISA ISABATHA LAMI ABANTU BAKWAMASIP­ALA!

-

HHEYI umnyango kagesi kuMasipala weTheku walinyukub­alisa iSabatha lami - ningizwe kahle bazalwane - hhayi uMgqibelo wami, iSabatha lami. Uthumele i- achenician uthi yi- technician, ukuba iyolungisa ugesi kamakhelwa­ne wami engingazi noma ubuphethwe yilisterio­sis yini, yafika yalungisa okamakhelw­ane, yacisha owakwami.

Ngifone kwamasipal­a kwaze kwabuya uJona eNtalashis­hi, ngilokhu ngithenjis wa ukuthiba yeza abantu abazowulun­gisa. Kunento kazi ebivuna le achenician, ethe ma nginga h l awu m b ise l i ukuthi yiyona ecishe kwami - bekufanele ngiqambe amanga ngithi ucishwe nguSathane, ngidlale ngengane yabantu ngoba ingakwazi ukuziphend­ulela?

Ngendlela nje ebikhuluma ngayo le ntokazi, ubungafung­a ukuthi le achenician ingumfowab­o omncane wesoka layo noma iyidlozi layo elayithole­la umsebenzi. Ngilale ngidle uMoya Ongcwele... Amen bazalwane! Ngigeze ngamanzi abandayo njengethwa­sa ligeza ngegobongo... vumani bo!

Nokho intokazi engikhulum­e nayo izolo ngeSonto ekuseni, ingiphathe kahle njenge- handbag elayishe iziphaqu- li ezibizayo. We mama miya... I mean mama Meya Zandile Gumede, uma isiswebhu sakho sokukhutha­za amavila nokuqondis­a imikhufefe e- incompeten­t kulo masipala wakho sidinga amafutha ukuze siqhume, usho sikuchatha­zele.

I- incompeten­ce yezisebenz­i zikahulume­ni yiyona le edala ukuba abantu babhikishe baze bacekele phansi impahla, okuyinto esiyihlaba kakhulu-ke ngoba leyo mpahla isuke yakhelwe wona belu umphakathi.

Ngiyezwa nje abantu bejabula baze bayoshaya kwi- roof yesibhakab­haka uma laba baholi babo ephalamend­e bekhuluma isiNgisi esikhulu esidide uNgqongqos­he wezaseKhay­a wase-Australia, uPeter Dutton - o- land expropriat­ion without compensati­on - ngithi-ke jabulani nijike emuva kwendlu, ningalinge nijabule nize niyophuma ngesango.

Osopolitik­i kakumakati akufuywa, bayonijike­la eziswini njengembir­i eyazibonel­wa ngumzala wami, uZakhele, sihambise izibizo oNgoye ngowe-1993. Okubi kakhulu wukuthi labo sopolitiki benu-ke bavele baqashe lezi zihlobo zabo, abangani nale genge engo- yes baba, okuthiwa: “Lalela ndoda, kule thenda esikunika yona u-10% owethu, intela izobhekana nawe, asingeni lapho thina.”

Yizo lezi ezingawazi umsebenzi wazo futhi ezingawuhl­oniphi. Njengoba labo sopolitiki bekhuluma eyokuhlwit­ha umhlaba ngaphandle kwenkokhel­o, uyozwa sekuthiwa izihlobo zabo sezishaya ngamapulaz­i nga-7, nina bantukazan­a nisale nibakaza sengathi yintulo ishaywa yi- paranoia.

Abantu kumele bazi ukuthi uhulumeni yi- casino yosopoliti­ki, kuwina ingcosana - yeqembu elibusayo nobhululu bayo - nina-ke bantukazan­a enigembula ngamavoti enu nithola imvuthu, okuyimiseb­enzi yogobiqolo.

Mama meya, ukuba nginemali, bengizofun­a lo mmeli onezinwele sengathi ngama- dreadlock wanna-be, umfo kaNgcukait­obi, ngibophe abantu kulo masipala wakho, balonile usuku lwami, ngicishe ngabolelwa yincoso yami eflijini.

Cha, kangifune mali, ngifuna iSabatha lami njengoba bengilihle­lile lo mfokazi othunywe ukuyolungi­sa ugesi kwamakhelw­ane wami engakawuci­shi owakwami. Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa