Ilanga

ILUDONGA BOXING IZOQHATHA IMPI YEBHANDE LE-IBF

- PHILANI NCALANE

UZOQHATHWA yiLudonga Boxing Promotions u-Innocent Mantengu waseMtubat­uba, okuhlelwa ukuthi abhekane noDoctor Ntsele waseFree State, empini ye-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) All Afrika Bantamweig­ht mhla zingama-28 kuMbasa (April) eMtubatuba.

UMantengu usefudukel­e eGoli njengoba efuna amadlelo aluhlaza. Ubengaphan­si kweThekwin­i Boxing Gym eholwa nguThulani “Nkunzi” Magudulela okunguyena futhi ophethe iLudonga Boxing Promotions.

UMantengu uthi uye eGoli ngoba efuna ukuqhuba nomsebenzi awufundele wokuba nguthisha.

“Angixabene noMagudule­la. Uyohlale engubaba kimina. Ngize lapha eGoli ngoba ngifuna ukukhula esibhakele­ni.

"Okunye okungileth­e lapha wukuthi maningi amathuba omsebenzi wobuthisha. Sesiqede konke noMagudule­la ngenkontil­eka. Ngimbonga kakhulu ngokungihl­elela le mpi.

"Kumanje ngimatasa ejimini ngilungise­lela yona le mpi engizokube ngivikela kuyona ibhande lami,” kusho uMantengu.

UMagudulel­a ukuqinisek­isile ukuthi sebeyisayi­nile inkontilek­a noMantengu.

“UMantengu uhambe kithina simatasa nokumhlele­la impi. Ngibone kungcono ukuthi ngiqhubeke nokuyihlel­a yize esehambile ngoba bese kukuningi osekwenziw­e.

"Ngizoqhube­ka nokumsiza nxa edinga izimpi ngoba asixabene yikhona nje ukuthi ufuna amathuba angcono. Amabhokisa kumele aqonde ukuthi kumba eqolo ukuhlela impi njengoba sintula nabaxhasi.

"Ngiyaqonda ukuthi nawo afuna ukukhula esibhakele­ni futhi adinga nemali.

"Inkinga wukuthi kuyabiza ukuhlela impi futhi ngeke alwe wonke ngesikhath­i esisodwa,” kusho uMagudulel­a.

 ?? ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ?? ABADLALI beKaizer Chiefs, abe-Orlando Pirates nabaxhasi babo iCarling Black Label bayaphikis­ana nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane njengoba bejoyine umkhankaso obizwa nge-#NO EXCUSE. Umqhudelwa­no weCarling Black Label Cup kulindelek­e uphazamise­ke...
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ABADLALI beKaizer Chiefs, abe-Orlando Pirates nabaxhasi babo iCarling Black Label bayaphikis­ana nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane njengoba bejoyine umkhankaso obizwa nge-#NO EXCUSE. Umqhudelwa­no weCarling Black Label Cup kulindelek­e uphazamise­ke...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa