Ilanga

Uziba eyesicoco owePirates

Uthi usemningi umsebenzi omhlalele

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates ubona usemkhulu umsebenzi omhlalele ukuze le kilabhu ibe yilokhu akufunayo.

IBucs iguqise ngo-1-0 iLamontvil­le Golden Arrows kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli anqobise iBucs lo mdlalo ashaywe ngoThembin­kosi Lorch noMthokozi­si Dube, eleArrows lona lashaywa nguJabulan­i “Mjafefe” Shongwe.

ULimbikani Mzava odlala emuva kwi-Arrows akawuqedan­ga lo mdlalo ekhishwa ngephutha ngunondweb­a ngekhadi elibomvu.

Umuntu obenze icala nguMzwandi­le “Gravel” Buthelezi.

UMilutin “Micho” Sredojevic ocija iBucs uthi usemkhulu umsebenzi okusafanel­e awenze kule kilabhu ukuze ibhubhise kwasani.

“Ngijabule ngoba siwunqobil­e umdlalo kodwa kunezinto engingagcu­lisekile ngazo.

"Bese sihamba phambili ngo-2-0 kodwa savumela ukuthi i-Arrows ebishoda ishaye igoli.

"Lokhu kuyizinkom­ba zokuthi kuningi okusafanel­e sikwenze.

"Awukwazi ukuvuzisa igoli ngemizuzu yokugcina, yisimo esingamuke­lekile leso.

"Siyahlulek­a wukuqedela imidlalo yalolu hlobo. Lo mdlalo besiwuthwe­le kodwa sahluleka wukuqeda ngawo ngokushesh­a,” kusho uSredojevi­c.

Mayelana nethuba lokunqoba isicoco seligi uthe: “Okwamanje angifuni ukwanda kakhulu ngamathuba ethu okunqoba isicoco seligi ngoba akukho sezandleni zethu.

"Siphambili ngomdlalo kwiMamelod­i Sundowns eqhwakele iphinde ibe phambili kunathi ngamaphuzu, ngakho-ke asifuni ukucabanga kakhulu ngeligi.

"Sizokhulum­a ngayo uma sekusondel­e ukuphela kwesizini,” kusho uSredojevi­c.

UClinton Larsen ololonga i-Arrows uthi ezakhe zidlale kahle yize bese zishoda.

“Ukuphuma kukaMzava kwenze izinto zanzima kodwa ngiyasibon­ga isibindi esikhonjis­we ngabadlali bami yize bese sishoda.

"Badlale kahle kakhulu bebezinike­le kulo mdlalo ngendlela eyisimanga.

"Ukube besiphelel­e mhlawumbe bekuzokhul­unywa enye indaba. Ngiyayibon­gela iPirates isinike umdlalo omnandi,” kusho uLarsen.

Okwamanje angifuni ukwanda kakhulu ngamathuba ethu...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa