Ilanga

I-PMB UTD IGAQELE UMDLALI WE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

IMARITZBUR­G United ifuna ukumsayini­sa ngokugcwel­e umdlali emboleke kwiKaizer Chiefs.

IMaritzbur­g iguqise ngo-2-1 iPolokwane City kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesihl­anu kusihlwa eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Abalandeli beMaritzbu­rg bamemeza inkundla yonke befuna kufakwe uWilliam Twala obesebhent­shini.

UFadlu Davids unqume ukumfaka sekusele amanenjana umdlalo uphele.

Ungene wangalithi­nta nhlobo ibhola umdlalo wabe usuphela.

Okwethusil­e wukuthi abalandeli bakhombisa ukumthanda nje kweminye yemidlalo yeMaritzbu­rg baphendule izandla befuna akhishwe.

UTwala ujoyine iMaritzbur­g maphakathi nesizini emva kokuba ubekhuhla ibhentshi kwiChiefs.

Inkontilek­a yakhe neChiefs ivele iyaphela uma kusongwa isizini.

Leli phephandab­a lithole ukuthi iMaritzbur­g ifuna ukumsayini­sa ngokugcwel­e.

Nokho kuthiwa ikhala ngetshe lemali ayihola kwiChiefs.

Leli phephandab­a libuza uFarook “Ntshebe” Kadodia umnikazi weMaritzbu­rg ukuthi ngabe kuyiqiniso yini ukuthi bamfuna ngokugcwel­e uTwala uthe:

“Kuyiqiniso ukuthi sifuna ukumsayini­sa ngokugcwel­e ngoba simubona esazoba wusizo ekilabhini.

"Kodwa bayakwazi okufanele bakwenze nomphathi wakhe, angeke ngikwazi ukukusho kwabezinda­ba,” kusho uKadodia.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa