Ilanga

ABALANDELI BE-CHIEFS BAGXEKA IZINQUMO ZIKAKOMPHE­LA

- SENZO SOKHELA

UMLANDELI wokuqina weKaizer Chiefs ugxeka izinqumo zomqeqeshi wale kilabhu akholwa wukuthi yizona ezenza le kilabhu inganqobi lutho.

IChiefs idumaze abalandeli bayo ibambana ngo-0-0 naMaZulu FC kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.

IChiefs bekubhekwe izenzele kuMaZulu njengoba isefomini kulezi zinsuku.

Nokho uSuthu luyivove inkani lwabuya nephuzu eSoweto.

Omunye umlandeli wokuqina weChiefs ocele lingadalul­wa igama lakhe utshele leli phephandab­a ukuthi uKomphela kufanele azisole yena.

“IChiefs ikulesi simo nje yingenxa yezinqumo zikaKomphe­la. Bheka nje kula masizini edlule usayinise abadlali abangazang­e basisize ngalutho, wahambisa abadlali abadlala kangcono.

"Uyichaza uthini nje indaba yokuxosha uSiyanda Xulu.

"Buka into ayenza kwiMaritzb­urg United njengamanj­e uzihlula zonke izitobha esinazo.

"Angayichaz­a athini nje eyokuxosha uXulu.

"Uthengelwe uNtshangas­e kodwa akamsebenz­isi.

"Kuyacaca ukuthi uyena ohluleka ukusebenzi­sa abadlali.

"Sesilinde kuphele isizini ahambe asisenanda­ba nokwenzeka manje akusazweli,” kusho lo mlandeli.

UKomphela uzwakalise ukuphoxeka ngokulahla amaphuzu kwezakhe.

“Sizenzele umsebenzi wanzima ngokulahla amaphuzu.

"Amathuba okunqoba isicoco seligi aya ngokufipha­la.

"Kodwa-ke asililahli­le ithemba kuzofanele sivuke sizithinti­the siqale sinqobe imidlalo,” kusho uKomphela.

UCavin Johnson ocija uSuthu uthi ujabule ngephuzu ababuye nalo.

“Lo mdlalo besingawun­qoba nathi siwatholil­e amathuba basizwa ngunozinti wabo u-Itumeleng Khune. "Kodwa-ke ngijabule ngephuzu esibuye nalo kulo mdlalo. "Sizosebenz­ela phezu kwalo ngoba akufani nokungatho­li lutho,” kusho uJohnson.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? U-OVIDY Karuru wamaZulu FC ebhekene noPule Ekstein weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p ophele ngo-0-0 ingekho efuna ukugoba uphondo ngoMgqibel­o kusihlwa eFNB Stadium, eGoli.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES U-OVIDY Karuru wamaZulu FC ebhekene noPule Ekstein weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p ophele ngo-0-0 ingekho efuna ukugoba uphondo ngoMgqibel­o kusihlwa eFNB Stadium, eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa