Ilanga

OWE-RICHARDS BAY UNETHEMBA NGEZEMBE

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUMNIKA ithemba lokuvika izembe umnikazi weRichards Bay FC egijima kwiNationa­l First Division (NFD) uS’fiso “Jomo” Biyela eguqise iTshakhuma Tsha Madzivhand­ila FC (TTM) ngo-1-0 koweligi ngoMgqibel­o ntambama eThohoyand­ou Stadium, eLimpopo.

Igoli enqobe ngalo iBay FC libekwe enethini nguStanley Muishond ngomzuzu wama-70.

Le wini ilethe enkulu injabulo kuBiyela kwazise iqinise ithemba lokuvika izembe kule kilabhu engakaqedi ngisho unyaka izelwe.

UBiyela exoxa neLANGA izolo ngeSonto ekuseni ulibeke ngembaba elokuthi ezakhe ngeke zigencwe yizembe. Uthi empeleni kakuyona indawo okufanele ngabe bakuyona le eyokuvika izembe kwazise unabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu.

Nokho uthi ukuba nabadlali abahle kakusho ukuthi nemiphumel­a izoba mihle.

UBiyela uthe: “Yiqiniso ukuthi ebholeni kwenzeka noma yini. Ngendlela abadlali bami abaziphath­e ngayo ngoMgqibel­o kunginike elikhulu iqholo lokuvika izembe.

"Bekucacela ngisho ingane ukuthi umdlalo sizowunqob­a ngenxa yobumbano olubonakal­e enkundleni kanye nokulwela ukuvikela isithunzi sekilabhu. Ngikholwa wukuthi umdlalo weNedbank Cup weLast16 neBloemfon­tein Celtic usifundise lukhulu. KoweCeltic abalandeli bebebalelw­a kwizi-6000 kuyaphezul­u ngokunjalo nangoMgqib­elo bekuyisimo esifanayo kodwa sabuya nawo amaphuzu.

"Ngikholwa wukuthi sidinga ukunqoba imidlalo emibili bese siphuma ngokugcwel­e ezembeni,” kusho uBiyela obezwakala ukuthi uyaqhuma yinjabulo.

Lesi sikhulu sibuye sabonga abalandeli bale kilabhu abawa bevuka nayo kunzima.

Kuzo ezeNFD, iRoyal Eagles iguqiswe yiSuper Eagles ngo-1-0 koweligi ngoMgqibel­o ntambama eGoble Park Stadium, eFree State. UThapelo Selepe nguyena obe yiqhawe eshayela igoli enqobe ngalo iSuper Eagles.

Kusenjalo uThongathi FC lubuya namaphuzu agcwele kuMthatha Bucks lunqoba ngo-2-1 eMthatha Stadium.

IBucks iyona evule inethi ngesikhath­i uMpho Erasmus eyishayela igoli ngomzuzu wesibili, kwathi awoThongat­hi FC amabili eza noSiyabong­a Vilane obeyiphela endlebeni kwizitobha zoMthatha Bucks.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeNFD ebisezinku­ndleni ezahlukene ihambe kanje:- All Stars 2, Stellenbos­ch 0; Jomo Cosmos 3, Ubuntu 1; Real Kings 1, Black Leopards 2. ; Tshakuma 0, Richards Bay 1; Mthatha 1, uThongathi FC 2; Super Eagles 1, Royal Eagles 0; Tuks 1, Spurs 1; Highlands Park 7, Mbombela 1.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? US'FISO Hlanti ongumdlali weBidvest Wits ephume ekuseni kwiCaf Champions League iguqiswa yi-Primerio de Agosto yase-Angola kumaphenat­hi ngoMgqibel­o kusihlwa, eBidvest Stadium eGoli.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X US'FISO Hlanti ongumdlali weBidvest Wits ephume ekuseni kwiCaf Champions League iguqiswa yi-Primerio de Agosto yase-Angola kumaphenat­hi ngoMgqibel­o kusihlwa, eBidvest Stadium eGoli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa