Ilanga

IWits iwashiswe ijezi ekuseni kwiCaf

Sebethembe ukugxila kweyeligi

- MFANAFUTHI NDLOVU

SEYIBHEKE ukwenza kahle kwi-Absa Premiershi­p iBidvest Wits ephume kabuhlungu kwiCaf Champions League iguqiswa yiPrimeiro de Agosto yaseMozamb­ique ngo-3-2 kumaphenat­hi ngoMgqibel­o ntambama eBidvest Stadium, eGoli.

Lo mdlalo ubuphele ngo-1-0 kunqoba iWits ngegoli lika-Elias Pelembe kodwa kwaba ngu-1-1 sekuhlanga­niswe yomibili imilenze okwenze waya emaphenath­ini.

Kubadlali abenzele phansi ezikaGavin Hunt ngokuhlulw­a amaphenath­i kube nguLehloho­nolo “Major” Majoro, uDaine Klate noElias Pelembe.

US’fiso “Choppa” Hlanti odlala ophondweni lwesokunxe­le emuva kwiWits utshele ILANGA izolo ngeSonto ekuseni ukuthi sebebheke ukuzithoba amanxeba ngemidlalo yeligi kwazise nakuyona kabamile kahle.

Uthi bazisola bona njengabadl­a- li ngokuphuma kule midlalo yaseAfrika. Uthi bebazi ukuthi izimbangi zizopaka ibhasi emuva.

UHlanti uthe: “Besinethem­ba lokuthi sizobahlas­ela ngokuzuma kwasho khona ukuthi izinto kazilungi. Kodwa-ke kufanele siwamukele umphumela. Mhlawumbe kube yinhlanhla ukuthi siphume kwi- Nedbank Cup nakulo wase-Afrika ukuze sikwazi ukubhekana neligi kwazise nayo imqoka izinto kazihambi kahle.

"Kubi kakhulu kwazise nomqeqeshi wethu (uGavin Hunt) uphume enkundleni engeneme. Wonke umuntu uthukile ngendlela esiphume ngayo.

"Sekufanele sizame ukulwela ukungena kule midlalo ngesizini ezayo,” kusho uHlanti.

Khonamanja­lo iSuperSpor­t United ibuyise ithemba idlulela emzuliswan­eni olandelway­o weCaf Confederat­ion Cup ishaya i-Athletico Petro Luanda yase-Angola ngo-2-1 ngoLwesihl­anu kusihlwa eLucas Moripe Stadium, ePitoli. Igoli elivule inkundla kulo mdlalo libekwe enethini ngu-Denies Pedro ngomzuzu wama-48 kwathi uThabo Mnyamane wavalela amabili ngomzuzu wama-77 nangowama-82.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa