Ilanga

OweBucs usedonse iso lawase-Europe

Kuthiwa kunamakila­bhu aseFrance amfunayo

- SENZO SOKHELA

ISENGCUPHE­NI yokulahlek­elwa ngumdlali esanda kumthola i-Orlando Pirates njengoba kuvela ukuthi usehehe iso lamakilabh­u ase-Europe.

IBucs ijabulise abalandeli bayo abebephuma kuzona zonke izinkalo iguqisa ngo-2-1 iLamontvil­le Golden Arrows kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Amagoli okunqobe ngawo iBucs abekwe enethini ngoThembin­kosi Lorch noMthokozi­si Dube, kwathi elokubika ekhaya le-Arrows lashaywa nguJabulan­i “Mjafefe” Shongwe.

I-Arrows iqede lo mdlalo ingasaphel­ele kukhishwa ngekhadi elibomvu uLimbikani Mzava odlala emuva.

UMzava ukhishwe kungafanel­e kwazise unondweba akabonanga ukuthi umdlali obelimaze owePirates nguMzwandi­le “Gravel” Buthelezi kodwa wakhipha uMzava ngephutha.

Leli phephandab­a lihletshel­we ngomunye umdlali weBucs ukuthi uJustin Shonga (21) waseZambia, osanda kusayinisw­a yiBucs, ufunwa uthuli ngamakilab­hu ase-Europe.

Kuthiwa ufunwa ngamakilab­hu amabili aseFrance neyodwa yaseTurkey.

Leli phephandab­a libuza lo mdlali ngalezi zindaba uthe: "Angeke ngikwazi ukuphawula ngalokho ngoba ongifunayo kufanele aqale akhulume nePirates ngoba nginenkont­ileka nayo.

"Kuyiphupho lami vele ukuthi ngigcine ngidlala e-Europe kodwa okwamanje ngisafuna ukuzakhela igama kwi-Absa Premiershi­p.

"Ngifuna ukuhamba ezinyathel­weni zabadlali abanjengoC­hris Katongo no-Isaac Chansa abazakhele igama kwiPremier­ship ngaphambi kokuya e-Europe.

Ngifuna ukunqoba izinkomish­i nePirates. Yilokho engizokulw­ela okwamanje,” kusho uShonga.

Uthi ibajabulis­ile indlela abahlule ngayo i-Arrows.

“I-Arrows isinike umdlalo onzima, akubanga neze lula ukuyehlula.

"Kodwa sijabule ngamaphuzu amathathu esiwatholi­le abesifanel­e.

"Asiyibheki­le kangako eyesicoco seligi sizimisele ukubhekana nomdlalo ngamunye sobona ekupheleni kwesizini ukuthi kwenzakala­ni,” kusho uShonga.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UJUSTIN Shonga we-Orlando Pirates exinwe ngemuva nguMusa Bilankulu weGolden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p onqotshwe yiBucs ngo-2-1 ngoMgqibel­o ebusuku ePrincess Magogo Stadium.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UJUSTIN Shonga we-Orlando Pirates exinwe ngemuva nguMusa Bilankulu weGolden Arrows emdlalweni we-Absa Premiershi­p onqotshwe yiBucs ngo-2-1 ngoMgqibel­o ebusuku ePrincess Magogo Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa