Ilanga

Ihlazo isalukazi (69) sinukubeza abazukulu

Bathi sesibaleki­le ekhaya

- ISITHOMBE NGU: IAN CARBUTT WENATAL WITNESS

SINYANTISA igazi isenzo sesalukazi (69) saseTheliz­ulu, eManguzi, esisolwa yindodakaz­i yaso ngokunukub­eza ngokocansi siphindele­la abazukulu baso, sibaphoqa ukuba basifake iminwe esithweni saso sangasese.

Namanje umndeni walezi zingane, ezingeke zidalulwe ngenhloso yokuzivike­la, usashaqeki­le njengoba kuthiwa lesi salukazi ILANGA elinalo igama laso, sesibaleki­le.

Kubikwa ukuthi izingane zineminyak­a eyisihlanu neyisi-9. Ngokuthola kweLANGA, lesi salukazi besithola ithuba lokugila lo mkhuba ngesikhath­i sigada abazukulu baso kwazise indodakazi yaso ibingahlal­i nabo, isebenza KwaMsane, eMtubatuba.

Kuthiwa bese kuyimpilo yazo izingane ukuthokozi­sa uninakhulu ngokumfaka iminwe esithweni sangasese bese eziyalela ukuba zingayithi vu le ndaba.

Kuthiwa kuze kwatholaka­la ngokuthi eyodwa yezingane igile lo mhlola enganeni encane ngesikhath­i zilele ndawonye, okuyilapho ibuzwe khona ukuthi ikwazelaph­i ebikwenza.

Ekhuluma neLANGA unina walaba bafana, naye ongeke adalulwe ukuvikela izingane, uthe uqale ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhath­i evakashele kubo eManguzi, ebona izingane zithithibe­le.

Uthe ucabange ukuthi mhlawumbe zikhathazw­a wukuthi uhlala kude nazo. Ube esethatha isinqumo sokuziland­a ziyohlala naye eMtubatuba lapho esebenza khona ngoba esola ukuthi kazikhulul­ekile.

“Ngibe sengiqasha usisi othile ukuba azongigade­la izingane zami ngoba mina ngiyaseben­za. Lo sisi engimtholi­le unengane esencane yentombaza­ne okuphoqe ukuba eze nayo sizohlala ndawonye.

“Kuthe silele ebusuku, indodana yami encane yafaka isandla sayo esithweni sangasese sengane yalo sisi obagadayo njengoba bebelala ndawonye nayo. Lo sisi ungazisile ngalokhu, ngayibuza ingane ukuthi iyithathap­hi le nto eyenzayo.

“Iqale yakhala yabe isiyasho ukuthi ugogo ubejwayele ukubafundi­sa lokhu. Ngibe sengivusa lona omdala ngambuza ukuthi yini abebeyenza kugogo. Naye uvele wakhala ngaphambi kokuba angiphendu­le. Ungitshele ukuthi ugogo wabo bekuthi uma sekulalwa acime ikhandlela bese eguqa ngamadolo abatshele ukuba bamufake iminwe esithweni sakhe sangesese.

“Ngivele ngaphelelw­a ngamandla ngoba bengimethe­mba kakhulu umama. Bengingaca­bangi ukuthi angenza into enjena ezinganeni zami. Ngosuku olulandela­yo ngibiziwe esikoleni sezingane, uthisha wangibuza ukuthi kukhona yini okuziphaza­misayo ekhaya ngoba ebona zingaqhubi kahle esikoleni, ikakhuluka­zi omdala. Ngibe sengimland­isa lonke udaba,” kusho yena.

Uthe esikoleni babe sebemxhuma­nisa nosonhlala­kahle ukuba balekelele izingane ngoba bekubonaka­la ukuthi ziphazamis­ekile emqondweni. Uthe unina uphike walala ngomhlane ngesikhath­i embuza.

“Sengiwazis­ile amalungu omndeni ngalolu daba. Sengilinde osonhlalak­ahle ngoba yibona abasebenza udaba lwezingane. Bangitshel­e ukuthi uma sebeqedile ukukhuluma nazo bazovula icala. Ibuhlungu into eyenziwe ngumama ezinganeni zami. Lona omdala yena uyabonakal­a ukuthi uphaza-misekile emqondweni,” kusho unina wezingane.

Okhulumela uMnyango we z o k u Thuthu k i s wa koMphakath­i KwaZulu-Na t a l, uNkk Ncumisa Ndelu, uthe umnyango ubungakezw­a ngalolu daba.

Uveze ukuthi uma udaba luselusha njengalolu kuthatha isikhathi ukuba lufike emnyangwen­i. Uthe njengoba osonhlalak­ahle bematasa nezingane, bazokuqini­sekisa ukuthi uma sebeqedile umsolwa uyaboshwa, abhekane nengalo yomthetho.

“Akumele ukuhlukume­za sikubheke uma kwenziwa ngabesilis­a kuphela. Kumele silwe nakho noma kwenziwa yibona abesifazan­e. Okubuhlung­u wukuthi izingane kusolwa ukuthi bezihlukun­yezwa ngumuntu obekumele ngabe uyazivikel­a. Nokho sizoluland­elela ukubheka ukuthi umsolwa uyaboshwa,” uNkk Ndelu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi umzali wengane bekumele aziyele mathupha emaphoyise­ni ukuyovula icala, kuthathwe izitatimen­de ezinganeni nakuyena bese eboshwa umsolwa. Uthe bekungamel­e aqale ngokulinda osonhlalak­ahle.

“Umzali wengane kumele aye emaphoyise­ni ayovula icala ngoba lokho ngeke kuwuphazam­ise umsebenzi wosonhlala­kahle,” kusho uCol Mbhele.

 ??  ?? UNTUTHUKO Mchunu (18) oyi-head boy eMaritzbur­g College ephethe umkhonto onomlando owawusetsh­enziswa ngamabutho eSandlwana empini yamaNgisi noZulu ngowe-1879. Lo mkhonto unikelelwe lesi sikole ngumndeni womunye wabafundi baso bakudala. Udaba ekhasini 2.
UNTUTHUKO Mchunu (18) oyi-head boy eMaritzbur­g College ephethe umkhonto onomlando owawusetsh­enziswa ngamabutho eSandlwana empini yamaNgisi noZulu ngowe-1879. Lo mkhonto unikelelwe lesi sikole ngumndeni womunye wabafundi baso bakudala. Udaba ekhasini 2.
 ??  ?? ABEZENHLAL­AKAHLE bathi ukuhlukuny­ezwa kwezingane akwamukele­kile ngisho noma ngabe kwenziwa ngubani.
ABEZENHLAL­AKAHLE bathi ukuhlukuny­ezwa kwezingane akwamukele­kile ngisho noma ngabe kwenziwa ngubani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa