Ilanga

UBHEKI CELE USEWUVALIL­E UMZILA ONOMBANGO EMTHATHA

- INTATHELI YELANGA

wamaphoyis­a, uMnu Bheki Cele, unqume ukuwuvala umzila osekuphele imi-nyaka ubangwa eMthatha, e-Eastern Cape, osekudlule imiphefumu­lo engama-60 ngenxa yalo mbango oqale ngowezi-2016.

Ngokusho kwehhovisi likangqong­qoshe, imizila ethintekay­o ngowaseMac­lear nowakuTsol­o “Ukuba ngogombela kwezabo kosomateki­si kumele kuphele, ngeke sikubekeze­lele ukubala izidumbu zabantu sengathi sibala abagibeli,” kusho uMnu Cele.

Uthi imizila ngeyabantu bonke baseNingiz­imu Afrika, ngakho kakumele osomatekis­i bayenze eyabo ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo zokuzicebi­sa.

Kuvalwa le mizila nje, sekukaning­i uHulumeni wase-Eastern Cape ungenelela ukuzama ukudala ukuthula phakathi kwalabo soseshini ababangayo.

"Kakukhona okokuqala kuthathwa isinqumo sokuvalwa kwemizila, kulokhu umehluko wukuthi umzila uzovalwa kuze kube khona ukuthula. Ngisho ngabe basiyisa enkantolo sizoya.

"Emuva kokusayinw­a kwesivumel­wano sokubeka phansi izikhali, kushone abantu abali13 kanti kunamacala ali17 okuzama ukubulala avuliwe” kusho uMnu Cele.

Ubehlangen­e nobuholi besifundaz­we, obebuholwa nguNgqongq­oshe wezokuThut­ha nokuPhepha koMphakath­i, uNkz Weziwe Tikana, nomkhuzi wamaphoyis­a kulesiya sifundazwe, uLt Gen Liziwe Ntshinga.

Babe nomhlangan­o nososeshin­i abathintek­ayo okungu-Uncedo Services Taxi Associatio­n neBorder Alliance Taxi Associatio­n.

Uthi kulezi zingxoxo akekho phakathi kwalabo soseshini obefuna ukuzehlisa. Umkhankaso wamaphoyis­a usuholele ekuboshwen­i kwabasolwa abangama-48 abathintek­ayo ezigamekwe­ni zodlame kwezinye izifundazw­e.

Mayelana nokuthathw­a kwesinqumo sokuvalwa kwale mizila, uNgqongqos­he uCele uthi uzimisele ukuhlangan­a nabathinte­kayo, inqobo nje uma seyisangul­ukile inkungu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa