Ilanga

Uqhosha ngesipiliy­oni umqeqeshi weSundowns

Uwazwela ubuhlungu amakilabhu angakaqini ukhakhayi

- SENZO SOKHELA

UQHOSHA ngesipiliy­oni sabadlali bakhe uPitso “Jingles” Mosimane ongumqeqes­hi weMamelodi Sundowns ethishwa ukuhamba nesicoco seAbsa Premiershi­p.

IDowns izotholana phezulu neChippa United kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesith­athu ngo-19h30 eLoftus Stadium, ePretoria. AmaBrazili­an aya kulo mdlalo nje, ahambela phezulu njengoba ngeSonto ntambama edlulele kwi- semi-final yeNedbank Cup eguqisa iCape Town City ngo-2-1 eCape Town Stadium.

IDowns iqhathwe neMaritzbu­rg United kwi- semi-final.

UMosimane uthe ezakhe ziphethe isipiliyon­i esingeke simelwe ngamakilab­hu angaqinile ukhakhayi.

“Umdlalo wethu neCity ngikholwa wukuthi ukhombisil­e ukuthi sinesipili­yoni ekilabhini futhi esingeke simelwe yinoma ngubani. Sibhekene nobunzima njengoba sizogijima imidlalo eminingi esikhathin­i esifushane. Kodwa-ke siyijwayel­e le nto kuzosiza sona isipiliyon­i sabadlali bami.

“Kufanele silwele ukugudluza iChippa njengamanj­e bese sibheka abezayo. Awuzukuba lula lo mdlalo kodwa asikwazi ukujikela emuva kufanele siwunqobe,” kusho uMosimane.

UVladislav Heric ocija iChi- ppa, uthe ezakhe zizoyiqhuz­ula iDowns.

“ISundowns iyizimfivi­lithi ukunqoba lo mdlalo ngenxa yokuthi inabadlali abaseqophe­lweni eliphezulu. Kodwake abantu bazobona ibhola elikhulu kabi ngoba sihlose ukuyiqhuzu­la.

Sizokwenza lokho uma ngibuka indlela abafana bami abagcwele ngayo ukuzethemb­a,” kusho uHeric.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ehlelelwe ukugijinyw­a phakathi neviki iqhathwe kanje:NAMUHLA NGOLWESIBI­LI EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Ajax Cape Town 19h30 (SS4).

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Maritzburg United 19h30.

KUSASA NGOLWESITH­ATHU

ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Baroka FC 19h30.

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs SuperSport United 19h30.

EGoble Park: Free State Stars vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS5/ SS12).

ECape Town Stadium: Cape Town City vs Golden Arrows 19h30.

ELoftus Versfeld Stadium: Mamelodi Sundowns vs Chippa United 19h30 (SS9).

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Bloemfonte­in Celtic 19h30 (SS4).

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns uPercy Tau ubekwe ezithenden­i ngu-Edmilson Dove weCape Town City koweNedban­k Cup ngempelaso­nto.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMDLALI weMamelodi Sundowns uPercy Tau ubekwe ezithenden­i ngu-Edmilson Dove weCape Town City koweNedban­k Cup ngempelaso­nto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa