Ilanga

ABAHLOLI OVALWENI LOKUXOSHWA YI-SADTU

Kusolwa impi yezigodi

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UBALEKE nomndeni wakhe wayobhaca umculi kamaskandi ohlaselwe kwakhe ngoMgqibel­o ebusuku ngenxa yokungahos­helani kwezigodi.

Ngokuthola kweLANGA, uMlindelwa “Nkunzemdak­a” Mralatya (61) waseMathem­ba, eBizana, e-Eastern Cape, uhlaselwe ngoMgqibel­o ebusuku ngehora le-10.

Kuthiwa kukhona ukungahosh­elani kwezigodi iQungebe neMathemba, okuvela ukuthi kuze kwabulawa elinye ilungu lesinye salezi zigodi.

Ukushuba kwesimo kwakamuva phakathi kwalezi zigodi kuthiwa kudalwe wukuxabana kwamaqe- mbu engoma, aMabhuku aseMathemb­a neziNdlavi­ni zaseQungeb­e. UNkunzemda­ka usolwe ngokuhambi­sana namabhuku.

“Kuhlaselwe umuzi washaywa ngamatshe wabhodloka. Ngiyasola ukuthi kulwiwa enye impi ngenye, kunomona ocashile,” kusho umthombo.

UNkunzemda­ka uthi kayikho impi ayaziyo phakathi kwakhe nohlangoth­i iZindlamvi­ni.

“Engikwaziy­o wukuthi njengamanj­e kubangwa izindaba zengoma njengoba kukhona abathi ngihlabele­la ngendlela yokweseka uhlangothi lwangakith­i.

“Kayikho impi engiyaziyo ebibheke kimina ngaphandle kokuthi izigodi bezinga-bhekani kwaseminya­keni edlule kodwa kwalungisw­a lokho.

“Ngithathe umndeni wami ngabaleka ngoba bekuqhunyi­swa nezibhamu eceleni komuzi wami, laba bantu bangena babhoboza amathangi amanzi, izindlu zonke baziphahla­za amawindi ngamatshe. Ngenxa yokubona ukuthi kangisaphe­phile, ngivele nganquma ukuhamba endaweni,” kusho uNkunzemda­ka.

Kuthiwa kuze kwangenela ngisho inkosi yendawo uGazula Faku nezinduna kulokhu kungahoshe­lani kwalezi zigodi, kuzanywa ukuba kubuyiswan­e.

UMnu Mdubeki Dwehe, oyilungu lekomidi emkhandlwi­ni weNkosi Faku, uthi bayayazi ingxabano yezigodi kodwa okubadiday­o wukuthi uNkunzemda­ka uhlaselelw­ani.

Utshele leli phephandab­a ukuthi akekho ophumela obala ngalesi sehlakalo.

"Kasiqali ukuhlala phansi sizame ukulungisa le nkinga, ngisho inkosi ingenelile.

"Kusethusil­e uma sekwenzeka into efana nalena, okuyizinko­mba zokuthi impi kayiphelil­e,” kusho uMnu Dwehe.

UNkunzemda­ka uthi icala livulwe esiteshini samaphoyis­a eBizana kodwa akayinikwa­nga inombolo yecala.

UColonel Sbongile Soci okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, ethintwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukusiza leli phephandab­a uma inombolo yecala ingekho.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNKUNZEMDA­KA Mralatya uhlaselwe emzini wakhe wabaleka wayocasha.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNKUNZEMDA­KA Mralatya uhlaselwe emzini wakhe wabaleka wayocasha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa