ABAHLOLI OVALWENI LOKUXOSHWA YI-SADTU
Kusolwa impi yezigodi
UBALEKE nomndeni wakhe wayobhaca umculi kamaskandi ohlaselwe kwakhe ngoMgqibelo ebusuku ngenxa yokungahoshelani kwezigodi.
Ngokuthola kweLANGA, uMlindelwa “Nkunzemdaka” Mralatya (61) waseMathemba, eBizana, e-Eastern Cape, uhlaselwe ngoMgqibelo ebusuku ngehora le-10.
Kuthiwa kukhona ukungahoshelani kwezigodi iQungebe neMathemba, okuvela ukuthi kuze kwabulawa elinye ilungu lesinye salezi zigodi.
Ukushuba kwesimo kwakamuva phakathi kwalezi zigodi kuthiwa kudalwe wukuxabana kwamaqe- mbu engoma, aMabhuku aseMathemba neziNdlavini zaseQungebe. UNkunzemdaka usolwe ngokuhambisana namabhuku.
“Kuhlaselwe umuzi washaywa ngamatshe wabhodloka. Ngiyasola ukuthi kulwiwa enye impi ngenye, kunomona ocashile,” kusho umthombo.
UNkunzemdaka uthi kayikho impi ayaziyo phakathi kwakhe nohlangothi iZindlamvini.
“Engikwaziyo wukuthi njengamanje kubangwa izindaba zengoma njengoba kukhona abathi ngihlabelela ngendlela yokweseka uhlangothi lwangakithi.
“Kayikho impi engiyaziyo ebibheke kimina ngaphandle kokuthi izigodi bezinga-bhekani kwaseminyakeni edlule kodwa kwalungiswa lokho.
“Ngithathe umndeni wami ngabaleka ngoba bekuqhunyiswa nezibhamu eceleni komuzi wami, laba bantu bangena babhoboza amathangi amanzi, izindlu zonke baziphahlaza amawindi ngamatshe. Ngenxa yokubona ukuthi kangisaphephile, ngivele nganquma ukuhamba endaweni,” kusho uNkunzemdaka.
Kuthiwa kuze kwangenela ngisho inkosi yendawo uGazula Faku nezinduna kulokhu kungahoshelani kwalezi zigodi, kuzanywa ukuba kubuyiswane.
UMnu Mdubeki Dwehe, oyilungu lekomidi emkhandlwini weNkosi Faku, uthi bayayazi ingxabano yezigodi kodwa okubadidayo wukuthi uNkunzemdaka uhlaselelwani.
Utshele leli phephandaba ukuthi akekho ophumela obala ngalesi sehlakalo.
"Kasiqali ukuhlala phansi sizame ukulungisa le nkinga, ngisho inkosi ingenelile.
"Kusethusile uma sekwenzeka into efana nalena, okuyizinkomba zokuthi impi kayiphelile,” kusho uMnu Dwehe.
UNkunzemdaka uthi icala livulwe esiteshini samaphoyisa eBizana kodwa akayinikwanga inombolo yecala.
UColonel Sbongile Soci okhulumela amaphoyisa ase-Eastern Cape, ethintwa ngalolu daba, uthe ngeke akwazi ukusiza leli phephandaba uma inombolo yecala ingekho.